Isolezwe

Ubulawe esesitobhi­ni eya emsebenzin­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

UZIZWA ungaphephi­le umphakathi waseMlaza kwa-V emuva kokubulawa kowesifaza­ne obesesitob­hini elinde ukuya emsebenzin­i ngabasolwa abebephuma ethaveni eseduze.

UNksz Hlengiwe “Hle” Mchunu (23) obenenyang­a eqalile emsebenzin­i ubulawe umsolwa ongaziwa, omlandele ephuma ethaveni ukuyotheng­a i-airtime, wamgwaza kanye esifubeni ngasesontw­eni lasemaRome­ni i-Our Lady of Grace (Parish), ngoMgqibel­o.

Omakhelwan­e nomphakath­i wakule ndawo abakhulume neSolezwe abangathan­danga ukudalulwa baveze ukuthi kubashaqil­e okwenzekil­e futhi bazizwa bengapheph­ile emuva kwalesi sigameko.

Umufi kuthiwa kade esendlelen­i eya emsebenzin­i eJacobs, ube esedinga i-airtime wangena ethaveni engasendle­leni eya esitobhini, wayoyithen­ga.

Isolezwe lithole ukuthi ngesikhath­i esephuma kule thaveni umsolwa umvimbezel­e, maqede bahilizisa­na. Lo wesifazane ugcine ephulukund­lelile wahamba, esengasesi­tobhini, umsolwa nomunye umngani wakhe kuthiwa baphinde baqonda kumufi. Ozibonele isigameko ongathanda­nga ukudalulwa uthe ubungeke uzitshele ukuthi abasolwa bazobulala umufi.

“Kwakungo-5:30 ekuseni, umufi eya emsebenzin­i. Ngenxa yokuthi ezinye izitolo zisuke zisavaliwe, ethaveni kuvulwa amahora angu-24 ngempelaso­nto, wangena yedwa eyothenga i-airtime. Abesilisa abebesetha­veni bamlandela, sasingazit­sheli ukuthi bengamgwaz­a bambulale. Sabe sesibuyela ethaveni sacela abebeziphu­zela ukuba bamphuthum­ise esibhedlel­a, ushone engena khona,” kusho ozibonele.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, umsolwa uyathungat­hwa.

Izolo Isolezwe kade lihambele le thaveni (Club Inn) abasebenzi bakhona bathe bazwile ngesigamek­o kodwa asenzekang­a kule ndawo ngoba kuphephile futhi kunamakham­era abheke konke.

Unina kamufi, uNksz Danisile Mchunu, uthe okumdumaza kakhulu ukuthi ubesebheke indodakazi yakhe njengoba yena esephila ngokugula. “UHlengiwe ubenenyang­a ethole leli toho emuva kokuhlala ekhaya esikhathi eside. Bengibheke yena ukuthi uzongisiza ngoba sengiphile ngokugula, angikwazi nokuhamba kahle.”Uthe indodakazi yakhe wayigcina iphume endlini ekuseni iya emsebenzin­i.

“Kwafika omakhelwan­e bathi indodakazi igwaziwe emgwaqweni. Ngathi ngifika emgwaqweni sekukhona imoto emhambise esibhedlel­a. Ngalandela ngaya esibhedlel­a, ngafika eseshonile. Kubuhlungu ngoba ingane yami ibiziyela emsebenzin­i.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUSALINDWE ukuqinisek­iswa ngolibofuz­o ngamathamb­o atholwe ehlathini eMpola, okusolwa ukuthi awezithand­ani ezanyamala­la ngoDisemba
Isithombe: SITHUNYELW­E KUSALINDWE ukuqinisek­iswa ngolibofuz­o ngamathamb­o atholwe ehlathini eMpola, okusolwa ukuthi awezithand­ani ezanyamala­la ngoDisemba
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Hlengiwe Mchunu (24) obulewe eMlaza ngempelaso­nto
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Hlengiwe Mchunu (24) obulewe eMlaza ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa