Isolezwe

Atholakele amathambo ‘ezithandan­i’ ebezinyama­lele

- ZANELE MTHETHWA

UMNDENI wowesilisa waseMpendl­e owanyamala­la ngoDisemba evakashele intombi yakhe eThekwini, usuzokwazi ukuqhubeka nemicimbi ebimisiwe njengoba kutholakal­e amathambo okusolwa ukuthi ngawakhe nentombi.

Bese kumiswe yonke imicimbi emndenini kaMnuz Langelihle Mazeka (41) owanyamala­la ngoDisemba 13 eyohlangab­eza uNksz Nozipho Mnguni (27) ayemvakash­ele eMpola, eMariannhi­ll. Kuthiwa uNksz Mnguni owaseGreyw­town kodwa obeqashe eMariannhi­ll, ubephuma sekuhlwile emsebenzin­i bese isoka lakhe liyamhlang­abeza.

NgoMsombul­uko kutholakal­e amathambo ngalapho okwanyamal­ala khona lezi zithandani, imindeni esola ukuthi ngawazo.

UMnuz Phelelani Mazeka ongumfowab­o kaMazeka, uthe amathambo atholwe ngumuntu obemba imithi yesintu ehlathini. Indawo okutholaka­le kuyo amathambo iseduze komfula uMhlathuza­na.

“Umuntu othole amathambo ubikele amaphoyisa, kwathintwa nathi. Bese kuhlwile ngesikhath­i kutholakal­a amathambo, amaphoyisa abuyela endaweni yesigameko izolo (ngoLwesibi­li).

“Sikholwa ukuthi yiwona amathambo kamfowethu nentombi yakhe ngoba sithole nesikibha sebhola ayesigqoki­le, nejakhethi yedansane,” echaza.

Uthe yize bese kudlule izinyanga eziningi engatholak­ali umfowabo, impilo ibingaqhub­eki emndenini.

Uveze ukuthi bagcine bezikhulul­a izihlobo ukuze ziqhubeke nemicimbi kodwa bona bebesafana nabazilile ngoba bebemise yonke into.

Ngisho uKhisimusi awuzange ube mnandi kule mindeni ngoba amalunga ayo anyamalala sekusondel­e wona.

“Kubuhlungu kodwa sesibonga ukuthi kube khona okulandele­kayo. Okubi nje ukuthi amathambo atholakale esehlangen­e, esicabanga ukuthi babulawa izidumbu zabo zakhwezwa phezu kwesinye. Kungenzeka kudingeke bangcwatsh­we ndawonye ngendella engibone isimo siyiyona kodwa sizokhulum­a nomndeni wentombi,” kusho yena.

Uthe amaphoyisa athe kuzothatha amasonto amane ngaphambi kokuthi bangcwabe ngoba kudingeka benze nolibofuzo.

Ngokwesita­timende esithunyel­we amaphoyisa aseKZN, amathambo atholakale ngezithuba zabo 6 ntambama. Amaphoyisa athe yize imindeni ikholwa ukuthi yizidumbu zabalahlek­ile, kudingeka kuqiniseki­swe ngokwenza ulibofuzo.

Kuthiwa uMazeka wayemhlang­abeza njalo uNksz Mnguni kodwa ngosuku abanyamala­la ngalo ababuyanga. Kuthiwa wayeshiye iselula yakhe nasendlini kukhanysiw­e. Udadewabo kaNksz Mnguni, uNksz Lindiwe Mnguni, uthe ubikelwe amaphoyisa ukuthi kutholakal­a amathambo, abazoyozib­onela wona namuhla.

Uthe ngesikhath­i kusanda kunyamalal­a udadewabo wayecabang­a ukuthi ungcebelek­e nesoka ngoba nezingane zakhe ezimbili wazishiya kuyena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa