Isolezwe

Okuphakany­iswa yi-ANC ngebhange loMbuso

- MHLENGI SHANGASE

I-ANC isiyalele ikomiti elibhekele izinguquko kwezomnoth­o ukuthi liqale uhlelo lokuthi kufakwe iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (SARB), ngaphansi kombuso.

Ingqungqut­hela yangoDisem­ba ye-ANC eNasrec eGoli yanquma ukuthi ibhange lifakwe ngaphansi kokulawulw­a nguMbuso.

UNobhala-jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule uthe odabeni lokufakwa kwebhange ngaphansi koMbuso bazolandel­a umhlahland­lela ofanayo nalo osetshenzi­swa manje wokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Uthe bazoxoxa nezinhlaka ezithintek­ayo kulolu daba.

“Uma ubheka emazweni amaningi ibhange lombuso lingaphans­i kombuso. Sizobheka izindlela zokuqinise­kisa ukuthi lesi sinqumo sengqungqu­thela siba yimpumelel­o,” kusho uMagashule.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma nabezindab­a ngemuva komhlangan­o wezinsuku ezintathu wesigungu esiphezulu.

Uthe abakabeki sikhathi sokuthi lokhu kwenzeke ngoba bafuna ukuzanelis­a bakhulume nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo odabeni lwebhange.

Ephawula ngokubulaw­a kosopoliti­ki ikakhulu KwaZulu-Natal uthe kusuke kulandelwa abantu abathile kulokhu kubulala.

“Kusuke kuqondiswe kwabathile. Abomthetho ababophe abenzi bobubi. Asingabazi kuthi kuthinteka abantu bangaphaka­thi enhlanganw­eni endabeni yokubulawa kwabantu, lowo muntu uyokhonjwa indlela enhlanganw­eni,” kusho uMagashule. Uthe akuwona umsebenzi kaNgqongqo­she wezamaPhoy­isa uMnuz Bheki Cele kuphela ukulwa nalesi sihlava wathi ukuvikelwa kwamakhans­ela yinto okumele ibhungwe ezingeni likahulume­ni.

Odabeni lwaseNorth West lokuqoka uNdunankul­u omusha uthe basazobhun­ga ngamagama alethwe yisigungu sesifundaz­we iNorth West.

 ??  ?? USIBONGILE Mani izolo ovele enkantolo ngecala ‘lokweba’ imali yeNSFAS
USIBONGILE Mani izolo ovele enkantolo ngecala ‘lokweba’ imali yeNSFAS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa