Isolezwe

Izochazwa emakhosini eyomhlaba

- MHLENGI SHANGASE

IPHINI likaMengam­eli wezwe uMnuz David Mabuza lithe kuzobizwa umhlangano ophuthumay­o namakhosi ukuze kuxoxwe ngendaba yokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMabuza, obephendul­a imibuzo ePhalamend­e izolo, uthe abafuni ukuphamban­a namakhosi kodwa kumele bazwane kule ndlela esazohanjw­a yomhlaba.

“Sizobiza lo mhlangano sixoxe ngale ndaba kanye nezinye ezithinta umhlaba. Ngangishil­o ngihlangan­a neSilo samaBandla ukuthi cha njengeSilo ngizofika esigodlwen­i saso ngizoxoxis­ana naso ngalolu daba. Sizoyichaz­a yonke into ezokwenzek­a, nalesi siphakamis­o sokuthi nichibiyel­e umthethosi­sekelo sizoyixoxa nawo amakhosi ukuze siwazise ngendlela esizimisel­e ukuyihamba sizwane,” kusho uMabuza.

Uthe bafuna abantu abahlala emhlabeni wamakhosi babe nobunikazi bakwazi ukusebenza umhlaba.

Uthe bafuna ukubuyisel­a umhlaba kubantu abaphucwa wona wathi lokhu kuzokwenze­ka.

“Kuzokwenze­ka nonke nizobe nikhona. Kodwa lokhu sizokwenza ngendlela yokuthi kungaphaza­miseki ukukhiqizw­a kokudla,” kusho uMabuza.

USolwazi Nhlanhla Khubisa we-NFP uthe amakhosi ayakhala ngokuthi ashiywa ngaphandle ohlelweni lwezigcawu lwethimba elahlangan­iswa nguMengame­li Cyril Ramaphosa ukubheka indaba yokubuyisw­a komhlaba elaliholwa ngowayengu­Mengameli uMnuz Kgalema Motlanthe.

UKhubisa uthe amakhosi akhala ngokuthi lezi zigcawu, zenzelwa emadolobhe­ni kanti amanye athi ayefunda ngazo emaphephan­dabeni.

Uthe abiza isithangam­i ekhala ngokuthi sekuze kwakhishwa nombiko ekubeni wona engakaze athintwe.

Usho lokhu nje iSilo sixwayise uhulumeni ngokuthi kuyochithe­ka gula uma uhulumeni efuna ukuthatha umhlaba waso ngenkani.

Namakhosi kulesi sifundazwe axwayise ngokuthi kuzoshuba uma kungukuthi kuyaqhubek­a ukuthathwa komhlaba weNgonyama.

Kwenzeka lokhu nje kulindelek­e ukuthi ziqale izigcawu zokuhambel­a umphakathi ngodaba lokuthi kuchitshiy­elwe isigatsha somthethos­isekelo ukuze kubhekwane nendaba yokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Leli komiti lasePhalam­ende lizohambel­a izifundazw­e kusuka ngenyanga ezayo kanti lizoza kulesi sifundazwe ngoJulayi.

Esithangam­ini sabezindab­a se-ANC uNobhala jikelele uMnuz Ace Magashule uthe bayaqhubek­a nohlelo lokudla umhlaba wathi kunohlelo abazoseben­za ngalo njengoba behlabela phambili nalokhu.

UMagashule uthe isigungu esiphezulu se-ANC sinxuse abantu ukuthi babambe iqhaza uma sekunezigc­awu ngendaba yokuchitsh­iyelwa komthethos­isekelo ukuze kubhekwane nokudliwa komhlaba.

“Isigungu se-ANC siyalele uRamaphosa ukuthi aqoke ikomiti longoti odabeni lokubuyisw­a komhlaba. Sinxusa omasipala ukuthi banike abantu abafuna ukwakha iziza ukuze kusheshiwe eyokubuyis­wa komhlaba.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa