Isolezwe

OweHighway uzoshayela i-#Sekwanele

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISILOMO somsakazi weHighway Radio, uMfundisi Dennis Nzonzo Ntombela, yiso esizoshaye­la uhlelo lomkhuleko weSolezwe ozoba kusasa eThekwini Community Church, enkabeni yeTheku kusasa ekuseni.

Isolezwe lihlele lo mkhuleko ngaphansi kwesiqubul­o esithi #Sekwanele lapho lilwisana khona nezigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane.

Umkhuleko ngowokucel­a kuSomandla ukuthi lesi sihlava siphele.

Osophikwen­i lwezokhang­isa kwiSolezwe, uNksz Phumi Mkhize, uthe uhlelo luzobe luphethwe nguNzonzo wodumo lwamatemu athi “wo hhe wo hha”.

“Yonke into isimi ngomumo futhi sinethemba lokuthi abantu bazophuma ngobuningi babo ngoba le nto ithinta wonke umuntu,” kusho uNksz Mkhize.

Uqhube wathi: “Selichithe­ke kakhulu igazi ngakho kumele sikhale eNkosini ukuze lokhu kuphele ngoba akukuhle. Kumele sonke sisho ngazwi linye sithi #Sekwanele ngoba siyadingan­a. Namuhla kungami kanti kusasa kungaba ngawe, yingakho kumele sibambisan­e.”

Uthe umkhuleko uzobe uhambisana nomculo wendumiso

“Siyacela ukuthi abantu bagcine isikhathi ukuze yonke into yenzeke kahle. Wonke umuntu wamukeleki­le ngisho ngabe ukhonza kuphi futhi nabantu besilisa kumele bafike nabo ngoba bamukeleki­le,” kuchaza uNksz Mkhize.

Uthe inkonzo izoqala ngo-10 ekuseni kanti kungenwa mahhala.

Ngaphansi kwe #Sekwanele izimbongi, uSiyabonga Mpungose noSbo Da Poet zihlangani­se izinkondlo ngokwahluk­ana lapho zikhuza khona ngalesi sihlava.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMFUNDISI Nzonzo Ntombela weHighway Radio uzobe ephethe uhlelo emkhulekwe­ni weSolezwe e-ECC kusasa ekuseni
Isithombe: FACEBOOK UMFUNDISI Nzonzo Ntombela weHighway Radio uzobe ephethe uhlelo emkhulekwe­ni weSolezwe e-ECC kusasa ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa