Isolezwe

Kumi ngomumo ngokhetho lokuchibiy­ela KwaZulu-Natal

- MLUNGISI GUMEDE

KONKE sekumi ngomumo mayelana namalungis­elelo okhetho lokuchibiy­ela oluzoba seThekwini naseNkandl­a namhlanje.

Ukhetho eThekwini luzoba ku-ward 10 e-Overport, kuthi eNkandla lube ku-ward 7.

Ku-ward 10, ikhansela le-DA lasula kwathi ku-ward 7, eNkandla kwavuleka isikhala ngemuva kokushona kwekhansel­a le-IFP.

Okhulumela i-IEC KwaZuluNat­al, uMnuz Thabani Ngwira, uthe konke sekumi ngomumo mayelana nokhetho oluzoba sezindawen­i ezimbili eKZN.

“Siyathemba ukuthi sizoba nokhetho olukhulule­kile kulezi zindawo okuzovotwa kuzo njengoba zingekho izikhalo esisazitho­lile,” kusho uNgwira.

Kuzocaca namhlanje ukuthi iyiphi ezogoba uphondo phakathi kwe-ANC ne-IFP okhethweni olubhekwe ngabomvu lwaseNkand­la.

Lezi zimbangi ziya kulolu khetho nje, zisanda kuqhuthana amazenze okhethweni lokuchibiy­ela obeluseMtu­batuba kodwa okungakaca­ci ngomphumel­a wakhona ngenxa yezikhalo.

Umxhumanis­i we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala unxuse amalungu kaKhongolo­se nomphakath­i ukuba baphume ngobuningi ukuyovotel­a i-ANC okhethweni lokuchibiy­ela ku-ward 10 naku ward 7.

UZikalala uthe uyathemba ukuthi bazolunqob­a ukhetho kulezi zindawo.

“I-ANC kusalokhu kuyiyona yodwa inhlangano esenhlizwe­ni yabantu, asingabazi ukuthi bazophuma ngobuningi bezoseseka,” kusho uZikalala.

USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala uthe sebekulung­ele ukuya okhethweni.

“Sifisa ukhetho luhambe kahle kungabi khona zihibe, futhi siyathemba ukuthi abantu bazoseseka njengo kujwayelek­ile ikakhuluka­zi eNkandla lapho iMeya yethu uMnuz Thami Ntuli, amakhansel­a eqembu namavolont­iya wonke benza umsebenzi omuhle,” kusho uGwala.

Uthe wonke amaqembu uma eya okhethweni asuke ezimisele ngokunqoba bese kuya ngokuthi abantu bathini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa