Isolezwe

Iziqu kothisha abafundisa ezinkulisa

- PHILI MJOLI

INGANE eqale ukufunda enkulisa kulula ukuthi uma isifike esikoleni ingahluphi ngokukhala ngosuku lokuqala isesikolen­i.

Lokhu kushiwo uNkk Beatrice Mqadi ongumsungu­li wenkulisa iSiyaqhube­ka aphinde afundise kuyo obethola iziqu zakhe zeNQF Level 4 esikhungwe­ni esiqeqesha othisha basezinkul­isa, iTree Training and Resources in Early Education, eThekwini, izolo.

UNkk Mqadi ubekothish­a basezinkul­isa abangu-82 abebethola iziqu zabo.

Uthe othisha abafundisa abafundi abadlule ezinkulisa babatshela ukuthi uma ingane iqale enkulisa kuba lula ukuthi ifunde ngosuku lokuqala esikoleni ngoba isuke seyizazi ezinye izinto ezenziwa esikoleni. UNkk Zelda Schwalbach wakwaSappi uthe inkampani yakhe ixhase othisha abangu-20 abebethola iziqu zabo izolo. “Sikholwa wukuthi ukufunda kuqala enkulisa yingakho sathatha isinqumo sokuthi sixhase othisha basezinkul­isa sivimba ukuthi inkulisa ithathwe njengendaw­o yokudlala, ukudla nokulala kodwa zibe yindawo yokufunda inhlanzeko, ukubala nezinye izinto ezisiza ngokuthi ingane ikhule kahle. Phambilini besixhasa abafundi abenza amabanga aphezulu kodwa sithe uma sivakashel­a izinkulisa eziseduze kwezindawo esitshala kuzo amahlathi sabona ukuthi izinkulisa zasemakhay­a zisadinga ukuthuthuk­iswa ukuze zikwazi ukuqaqa ingqondo yomfundi. Lokho kuqala ngokuthi uthisha abe nolwazi oluyilo,” kusho yena.

UNkk Susanne Ramsunder wakwaTree uthe lesi sikhungo sicija othisha ngolwazi ukuze bakwazi ukuthuthuk­isa abafundi siphinde sibasize ngezinsiza zokwenza umsebenzi wabo ngempumele­lo.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? INGXENYE yothisha basenkulis­a abebethola iziqu zabo esikhungwe­ni esifundisa othisha basezinkul­isa iTree, eThekwini, izolo
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA INGXENYE yothisha basenkulis­a abebethola iziqu zabo esikhungwe­ni esifundisa othisha basezinkul­isa iTree, eThekwini, izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa