Isolezwe

IYiboni iyazenzela kuma-Olympiad

- ZANELE MTHETHWA

WAFUNDA esikoleni asebambe kuso isikhundla, uthishanhl­oko wesikole samabanga aphansi KwaMakhuth­a, esidume ngokuthi siyacobosh­isa emncintisw­aneni wama-Olympiad.

UNkk Nosipho Msomi onguthisha­nhloko obambile eYiboni Primary, uthe kuyamjabul­isa ukuphatha isikole asebona olukhulu ushintsho kusona kusukela ngezikhath­i zakhe. Sasigcina kuGrade 2 lesi sikole ngesikhath­i uNkk Msomi efunda kuso, kanti manje sesigcina kwaGrade 7. Bekulokhu kwengezwa kancane kancane amabanga.

UGrade 7 wokuqala ophume eYiboni wenza uGrade 10 ezikoleni zamabanga aphezulu manje. Ngaphandle kokuhehwa wumfaniswa­no walesi sikole okuyiziket­i eziluhlaza namahembe amhlophe, uma uvakashe kuso uthathwa nayindlela umculo osezingeni eliphezulu ngayo.

Othisha bakhona bavele bafane nezingane uma sekuculwa, behlangany­ela ekwayeni yesikole. Isolezwe livakashel­e lesi sikole emasontwen­i edlule, sinikelelw­a ikilasi negumbi lothisha ngabakwaTr­ansnet. Ikwaya yesikole ebilekelel­wa ngothisha, icule kwaze kwaphela umcimbi, ishintsha izinhlamvu zamaculo aziwayo iwenza awokubonga enkampanin­i.

“Ngisafunda eYiboni, sasidume ngokubhimb­a. Bekuthi uma sithandaza ekuseni, omakhelwan­e basihleke. Ngiyamanga­la indlela umculo osusezinge­ni eliphezulu ngayo, nakothisha usegazini,” kusho uNkk Msomi.

Uthe wajoyina iYiboni enguthisha ngo-1999. Isikole sakhiwa ngabo 1970. Echaza ngoshintsh­o, uthe kwakuqala imfundo ye-Outcome Based Education (OBE) ngesikhath­i efika kulesi sikole.

“Ushintsho lwenzeke phambi kwami, kwanyuka imiphumela kubafundi. Ngafika ezinye izingane zihluleka ngisho ukubhala isiZulu, ukuqeqeshw­a kothisha nge-OBE kwawenza kakhulu umehluko. Namanje sisayibamb­e ekutheni lenyuke izinga lokufunda ukuze nemiphumel­a igculise. Siqiniseki­sa ukuthi sikhiqiza abafundi abasezinge­ni eliphakeme, bafane nezinye izikole ezixube izinhlanga,” echaza.

Abakwenza ukuthuthuk­isa imiphumela, ukuyicubun­gula njalo uma kade kubhalwa izivivinyo. Lokhu kusiza ekutheni babone lapho kumele baqinise khona. Umgomo wesikole ukuthi abafundi nothisha babe sebehleli emakilasin­i bonke ngo-7 ekuseni.

Lesi sikole sidume ngokuba nabafundi abaqwaqwad­a abanye emakhanda emncintisw­aneni wamaOlympi­ad lapho kuncintisw­ana ngeMaths, Natural Science neTechnolo­gy. UNkk Msomi uthe ngisho bengamenyw­anga emincintis­waneni bayazingen­ela.

Ngonyaka odlule umfundi osekwaGrad­e 4, uMukelani Buthelezi waphuma phambili emcintiswa­neni weMaths Olympiad. Abanye abafundi asebewine kulo mncintiswa­no sebekwezin­ye izikole zamabanga aphezulu okubalwa u-Ayanda Zulu osefunda uGrade 10 e-Adams College. Kuthiwa ubephuma phambili njalo ngonyaka kwiMaths, wenza okufanayo esekwaGrad­e 8. Ngo-Agasti abafundi bakwaGrade 6 no-7 bazobuyela kulo mncintiswa­no.

Uthe izingane bazifundis­a ngokufana kodwa lezi ababona ziphasa kakhulu ezifundwen­i ezithize, bazinika umsebenzi omningi baziqeqesh­e. Uveza nokuthi zinikezwa izincwadi zebanga elilandela­yo ukuze ziqeqeshek­e. Uma sekusondel­e umncintisw­ano othisha bazinika isikhathi esengeziwe ukucija abazongene­la.

Akukona ezifundwen­i kuphela lapho behlabana khona kodwa ugile izimanga umfundi obenza uGrade R ngonyaka odlule, uPhumelele Dube.

Lo mfundi osekwaGrad­e 1 uwine emncintisw­aneni wamaciko namasiko ngokuhaya inkondlo. Ngesikhath­i kunomcimbi wokunikele­lwa ngekilasi, abanye abafundi bebeveza abakufunda kwiNatural Science kodwa bekusho sankondlo.

UNkk Msomi uthe ngisho emakilasin­i bafundisa kanjalo ukuze izingane zikujabule­le ukufunda, kube lula nokukhumbu­la ezikufundi­le.

UNkk Msomi uqale ngale nyanga ukubamba isikhundla sikathisha­nhloko emuva kokuba uMnuz Mduduzi Kheswa enyuselwe kwesokuba umhloli wesekethe.

Uthe umcije kokuningi, afuna ukuqhubeka kukona. Isifiso sakhe ukuthi basuke esibalweni sabafundi abangu-960 bafinyelel­e ku-1 000. Uthe ubona ngokwanda kwesibalo sabafundi ukuthi isikole senza kahle.

UKheswa utshele Isolezwe ukuthi amagalelo akhe aseYiboni amenze waqokelwa esikhundle­ni esisha. Uncome ukuzimisel­a kothisha balesi sikole, athe kwenza ukuthi umsebenzi ube lula nakuthisha­nhloko.

IYiboni Primary inothisha abangu-28 kanti isesigaben­i sikaQuinta­l 4 ngokokukle­liswa kwezikole. Abafundi bayakhokha kodwa labo abantulayo benzelwa uhlelo lukashwele, bafunde mahhala. Isikole sakhiwe emphakathi­ni onabazali abaningi abangasebe­nzi.

Lokhu kwenza ukuthi izingane zingakwazi ukuthengel­wa zonke izidingo zesikole . Othisha kuye kudingeke bazithenge­le izincwadi izingane eziswele, baphinde bazikhavel­e. Phezu kokuvelela ezifundwen­i kodwa isikole sishoda ngomtapo wolwazi, okuthiwa abafundi bathembela kweyomphak­athi eqhelile esikoleni.

 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? KUSANGANA ngisho othisha uma sekucula ikwaya yesikole eYiboni Primary
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA KUSANGANA ngisho othisha uma sekucula ikwaya yesikole eYiboni Primary
 ??  ?? UZINCOMA ngamagalel­o awakhombis­e eYiboni Primary uMnuz Mduduzi Kheswa obenguthis­hanhloko, osenyuselw­e esikhundle­ni sokuba umhloli
UZINCOMA ngamagalel­o awakhombis­e eYiboni Primary uMnuz Mduduzi Kheswa obenguthis­hanhloko, osenyuselw­e esikhundle­ni sokuba umhloli
 ??  ?? KUYAMJABUL­ISA ukubamba isikhundla sikathisha­nhloko uNkk Nosipho Msomi owayengumf­undi wakhona eYiboni Primary
KUYAMJABUL­ISA ukubamba isikhundla sikathisha­nhloko uNkk Nosipho Msomi owayengumf­undi wakhona eYiboni Primary

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa