Inhlangano iqhubeka nokugqugquzela ukufunda
INHLANGANO egqugquzela ukufundwa kwezincwadi ezikoleni zasemakhaya nasemadolobheni, iDancing Pencils, ithi isaqhubeka nomkhankaso wayo nakuba isabhekene nezinselelo kulo msebenzi.
Lokhu kushiwo uMnuz Ayanda Hlabisa obhekele ezokuxhumana kule nhlangano KwaZulu-Natal.
Ngaphandle kokugqugquzela ukufunda, le nhlangano ifundisa abantu nangezindlela zokubhala amagama ngendlela eyiyo.
Ngokusho kukaHlabisa, kunezincwadi abazisabalalisa ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe ngenhloso yokukhuthaza isiko lokufunda nokubhala ezikoleni nasemphakathini.
“Njalo ngonyaka le nhlangano iba nomcimbi wokwethulwa kwezincwadi. Kulo mcimbi kuhlanganiswa izindaba zezingane zikhiphe incwadi eyodwa edidiyelwe yizo,” kusho uHlabisa.
Uthe lisekhona ithuba lokuthi izingane ezisafisa ukuthumela imibhalo yazo, zenze kanjalo. Usuku lokuvala nguJuni 30. Ucele ukuthi imibhalo ethunyelwayo, ibhalwe nge-khompyutha. “Siyakhathaza kakhulu isimo esiqhubekayo sokungakwazi ukufunda nokubhala kwabantu kuleli. Les sihlava sihlasele emazingeni ehlukene emphakathini,” kugcizelela uHlabisa.
Ezinye zalezi zinselelo, uthe ukuhluleka kwabantu ukugcwalisa amafomu ezicelo zemisebenzi.
Uthe ukwanda kokungasebenzi kwabantu kudalwa ukwanda kwabantu abentula ulwazi.
NgoMashi, uthe le nhlangano ibe noqeqesho lwezikole ezintathu oLundi ngokubambisana nomasipala wakhona nomtapo wolwazi wakhona.
“Sithole ukuthi kusekhona izingane ezisadinga ukucathuliswa ngempela ukuze zifinyelele esigabeni sokwazi ukubhala nokucabanga ngokukhululeka,” echaza.
Phakathi kwezinye zezikole athe sebake basebenzisana nazo, iDabulamanzi, King Mageba neNqunqa Primary nezinye.
Ngenyanga kaMeyi uthe banikele ngezincwadi ezingaphezulu kuka-100. Kulo mkhakaso wabo uthe usebenzisana nomqondisi wale nhlangano, uuNkk Felicity Keats.
Isifiso sabo ukunikela ngezincwadi ezingu-20 000, kodwa okubalulekile ukuthi imiphakathi isungule amaqembu ezindaweni ehlala kuzo ukuze kube lula kubona njengenhlangano ukuthi beze kubona bezonikela ngezincwadi.