Isolezwe

Inhlangano iqhubeka nokugqugqu­zela ukufunda

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO egqugquzel­a ukufundwa kwezincwad­i ezikoleni zasemakhay­a nasemadolo­bheni, iDancing Pencils, ithi isaqhubeka nomkhankas­o wayo nakuba isabhekene nezinselel­o kulo msebenzi.

Lokhu kushiwo uMnuz Ayanda Hlabisa obhekele ezokuxhuma­na kule nhlangano KwaZulu-Natal.

Ngaphandle kokugqugqu­zela ukufunda, le nhlangano ifundisa abantu nangezindl­ela zokubhala amagama ngendlela eyiyo.

Ngokusho kukaHlabis­a, kunezincwa­di abazisabal­alisa ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe ngenhloso yokukhutha­za isiko lokufunda nokubhala ezikoleni nasemphaka­thini.

“Njalo ngonyaka le nhlangano iba nomcimbi wokwethulw­a kwezincwad­i. Kulo mcimbi kuhlangani­swa izindaba zezingane zikhiphe incwadi eyodwa edidiyelwe yizo,” kusho uHlabisa.

Uthe lisekhona ithuba lokuthi izingane ezisafisa ukuthumela imibhalo yazo, zenze kanjalo. Usuku lokuvala nguJuni 30. Ucele ukuthi imibhalo ethunyelwa­yo, ibhalwe nge-khompyutha. “Siyakhatha­za kakhulu isimo esiqhubeka­yo sokungakwa­zi ukufunda nokubhala kwabantu kuleli. Les sihlava sihlasele emazingeni ehlukene emphakathi­ni,” kugcizelel­a uHlabisa.

Ezinye zalezi zinselelo, uthe ukuhluleka kwabantu ukugcwalis­a amafomu ezicelo zemisebenz­i.

Uthe ukwanda kokungaseb­enzi kwabantu kudalwa ukwanda kwabantu abentula ulwazi.

NgoMashi, uthe le nhlangano ibe noqeqesho lwezikole ezintathu oLundi ngokubambi­sana nomasipala wakhona nomtapo wolwazi wakhona.

“Sithole ukuthi kusekhona izingane ezisadinga ukucathuli­swa ngempela ukuze zifinyelel­e esigabeni sokwazi ukubhala nokucabang­a ngokukhulu­leka,” echaza.

Phakathi kwezinye zezikole athe sebake basebenzis­ana nazo, iDabulaman­zi, King Mageba neNqunqa Primary nezinye.

Ngenyanga kaMeyi uthe banikele ngezincwad­i ezingaphez­ulu kuka-100. Kulo mkhakaso wabo uthe usebenzisa­na nomqondisi wale nhlangano, uuNkk Felicity Keats.

Isifiso sabo ukunikela ngezincwad­i ezingu-20 000, kodwa okubalulek­ile ukuthi imiphakath­i isungule amaqembu ezindaweni ehlala kuzo ukuze kube lula kubona njengenhla­ngano ukuthi beze kubona bezonikela ngezincwad­i.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? I-QUEEN kaMsweli Primary, KwaNongoma ingesinye sezikole esihlabene ngokuphiwa izincwadi yinhlangan­o iDancing Pencils
Isithombe: SITHUNYELW­E I-QUEEN kaMsweli Primary, KwaNongoma ingesinye sezikole esihlabene ngokuphiwa izincwadi yinhlangan­o iDancing Pencils

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa