Isolezwe

Bahlonyisw­e ngokwakha ithuluzi eliwusizo

- PHILI MJOLI

SEBEPHENDU­KE osomabhizi­nisi abantu baseBabana­ngo abahlomule ngokufundi­swa amakhono okwakha ithuluzi lokukhanyi­sa elisebenzi­sa ugesi welanga, elaziwa nge-Ukukhanya device, ngempelaso­nto.

Umphakathi wasemapula­zini ohlala ku-ward 9 ufakelwe ugesi welanga yizitshude­ni zaseMangos­uthu University of Technology (MUT), ezisohlelw­eni lwalesi sikhungo olusiza imiphakath­i ngamakhono amabhizini­si ezibizwa nge-Enactus.

UMfundo Mpulo, umengameli walolu hlelo kulesi sikhungo, uthe inhlangano engenzi nzuzo, i-Uluma Entreprene­urship Community Empowermen­t esebenza kule ndawo ibabikele ngesimo somphakath­i waKwaCokol­o okumele uye emadolobhe­ni uma ufuna ukucharger amaselula.

“Ngokolwazi esilutholi­le izikole zakule ndawo zamabanga aphezulu zinawo ugesi kodwa emakhaya awukho. Abafundi uma befuna ukubuyekez­a umsebenzi wesikole kumele baphindele esikoleni okuvame ukuthi siqhele emizini yabantu ngamakhilo­mitha ayisikhomb­isa kuya phezulu,” kusho yena.

Uthe kubafundi abaningi kuba nzima ukuya esikoleni beyobuyeke­za umsebenzi. Bagcina befunda ngamakhand­lela emakhaya.

Uqhube wathi emakhaya antulayo ngezinye izinsuku awabikhona amakhandle­la enele. Ngokuthola kwabo abafundi abaphuma kulawo makhaya bayafeyila.

Uqhube wathi abagcinang­a ngalokho ngoba bafundise intsha yakule ndawo ehleli emakhaya ukuthi Ukukhanya device yakhiwa kanjani.

“Inhloso yethu wukuthi umphakathi uqhubeke uzakhele amathuluzi udayiselan­e ukuze kusizakale bonke abafundi. Abathole amakhono bazokwazi ukuya nakwezinye izindawo ezingenawo ugesi bathengise leli thuluzi,” kusho yena.

UMnuz Bonga Sibiya ongomunye wabantu abahlomule ngekhono lokwakha ithuluzi uthe: “Bengingaka­ze ngicabange ukuthi ngingaba usomabhizi­nisi ngokufunda amahora amahlanu. Njengamanj­e leli thuluzi silidayisa uR70 emphakathi­ni senzela ukuthi nemindeni ephila ngemali yempesheni ilithenge,” kusho yena.

UNkk Lindiwe Madonsela, we-Uluma Entreprene­urship and Community Empowermen­t, uthe inhlangano yakhe isebenza ngaphansi kukamasipa­la wasOlundi.

“Le ndawo isemapulaz­ini ugesi awukho izigxobo zidlula kuyo ziyofakela omunye umphakathi. Ipulazi lisanda kubuyiselw­a emphakathi­ni kusazothat­ha isikhathi ngaphambi kokuthi ufakelwe ugesi ngenxa yokuthi umasipala wethu awunayo imali eyanele. Sibone ukuthi kungcono siphume siye ezikhungwe­ni zemfundo siyocela usizo olungasiza umphakathi,” kusho yena.

 ??  ??
 ??  ?? UMFUNDO Mpulo noSisekelo Cele bakwa-Enactus (MUT) bekhombisa ngezigubhu ezigcina umlilo wokucharge­r ithuluzi lokukhanyi­sa elisebenzi­sa ugesi welanga eBabanango
UMFUNDO Mpulo noSisekelo Cele bakwa-Enactus (MUT) bekhombisa ngezigubhu ezigcina umlilo wokucharge­r ithuluzi lokukhanyi­sa elisebenzi­sa ugesi welanga eBabanango

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa