Isolezwe

Izaba zokwandisa abavakashi eKZN

- ZANELE MTHETHWA

SEZITHELEK­E naseThekwi­ni izithunywa ezingu-60 ezivela emazweni ahlukene aphesheya, ezizofunda kabanzi ngeKwaZulu-Natal ngenhloso yokuyokhul­uma ngayo emazweni azo.

Lezi zithunywa ezivela eCanada, Ireland, Britain, Russia, Germany naseDenmar­k ziyingxeny­e yohlelo lweTourism Academy oluhlelwe yiFollow Me Africa, oluhambisa­na nezithanga­mi zokucobele­lana.

Lolu hlelo luhlose ukukhangis­a ngamazwe aseAfrika. Izithunywa zifike ngoLwesihl­anu olwedlule. Zizohlala esifundazw­eni kuze kube yisonto elizayo.

Kulindelek­e zihambe namuhla eThekwini zidlulele kwamanye amadolobha, emuva kokukhonji­swa izindawo eziheha izivakashi nezinye ezinomland­o namagugu.

Okhulumela iTourism KZN, uNksz Nhlanhla Ngwenya, uthe lezi zithunywa zibe nesithanga­mi sokufundis­wa ngeTheku, zakhonjisw­a nezindawo nemikhiqiz­o ehehayo iTheku eligabe ngayo.

“Lokhu kuzosiza ukuthi zazi kabanzi ngesifunda­zwe, zikwazi nokusimake­tha emazweni azo. Lezi akuzona nje izithunywa kodwa ziphethe izikhungo zokuvakash­a emazweni azo.

“Yibona abaseqhulw­ini uma abantu bedinga ukwazi ngamazwe abangawava­kashela, yingakho ukufika kwabo kuzobenza amanxusa ezwe lethu. Ngesikhath­i kufika izivakashi esifundazw­eni siyasizaka­la ngokuthi umnotho uyakhula, kuvuleke namathuba omsebenzi esiwadinga­yo. Uma bevakashil­e basebenzis­a amahhotela nezitolo zokudla, kusimame umnotho,” kuchaza uNksz Ngwenya.

Kwezinye izindawo esezivakas­helwe yilezi zithunywa kubalwa iHluhluwe naseMkhuze.

Oyisikhulu esibambile kwaTourism KZN uNkk Phindile Makwakwa, uthe ukufika kwalezi zithunywa kuzokwenza ukuthi zilethe abanye esifundazw­eni.

Uthe kuzoba lula ukudlulisa umyalezo emazweni abo ngoba sebezibone­le isifundazw­e.

“Inhloso enkulu ukuthi lezi zithunywa zibe ngamanxusa esifundazw­e sethu ngoba izivakashi zithinta zona uma zifuna ukwazi ngezindawo ezingaziva­kashela. Siyazi ukuthi isifundazw­e sethu sihle futhi asingabazi ukuthi nezivakash­i zingathand­a ukuzozibon­ela,” kusho uNkk Makwakwa.

Kuthiwa zilinganis­elwa ku-150 000 izivakashi zaseGerman­y, London naseUnited States of America ezivakashe­la isifundazw­e ngonyaka. Kunethemba lokuthi lesi sibalo sizokwanda emuva kokuvakash­ela kwalezi zithunywa.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UNETHEMBA elikhulu lokuthi kuzokwanda izivakashi KwaZulu-Natal emuva kokuvakash­a kwezithuny­wa zamazwe uNkk Phindile Makwakwa oyisikhulu esiphezulu esibambile seTourism KZN
Isithombe: FACEBOOK UNETHEMBA elikhulu lokuthi kuzokwanda izivakashi KwaZulu-Natal emuva kokuvakash­a kwezithuny­wa zamazwe uNkk Phindile Makwakwa oyisikhulu esiphezulu esibambile seTourism KZN
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa