Isolezwe

ITouch Africa inabaculi abasha

- FANELESIBO­NGE BENGU

IZELWE kabusha inkampani yokuqopha yaseThekwi­ni iTouch Africa Records njengoba isayinise abaculi abasha abathathu.

Le nkampani ephethwe nguMdu Ngcobo isineminya­ka ikhona njengoba ike yaphatha iqembu lamantomba­zane iDa Babes, Msawawa, Ntokozo Masinga nabanye abaningi.

UNgcobo uthe abaculi abasha asesebenza nabo nguLasandr­a, Prince M, Csana noDJ Sammy K, ongumfowab­o kaNaima Kay naye oqopha kulesi sitebela. Inkampani isanda kuhlukana noScelo Gowane.

“ETouch Africa sithi #siyacula, bonke laba baculi esinabo bayacula, lalela amaphimbo abo nabakusho ezingomeni zabo. Benza i-Afro pop ne-Afro soul ngaphandle kukaSammy. “USammy unguDJ wokuqala ukuthi sibe naye enkampanin­i futhi inhloso yethu ngaye wukuthi zonke izingoma zabaculi bethu esizenza kabusha ngesigqi se-house sizinikeze yena,” kusho uNgcobo.

Uthe bonke laba baculi basestudiy­o bapheka umculo omusha.

“ULasandra ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ethi Umakoti futhi uqedela i-albhamu yakhe ezoba nezingoma ezingu-10 ezophuma kulo nyaka. EkaPrince M iyadidiyel­wa, manje useqedile ukuqopha kanti uNaima Kay usenze izingoma ezinhlanu futhi uzokhipha ekupheleni kukaJulayi. USammy noCsana bazokhipha izingoma ezihamba ngazinye, amaalbhamu sizowabona ngonyaka ozayo,” kuqhuba uNgcobo.

Uthe bonke laba baculi abantu bazobabona ngempelaso­nto emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa kukaNaima Kay. NgoLwesihl­anu bazobe beseSenzi’s Lounge, eMargate, kuthi ngeSonto babe seMashampl­anez Lounge, ePort Shepstone.

Bazobe behambisan­a noL’vovo, Danger, Biggie, Da Babes, Merlon, TDK Macassette, DJ Happy Gal, Kotin, Boonu, 101 nabanye.

UNgcobo ubuye waveza ukuthi seziqalile izinhlelo zomcimbi iJazz in July eba ngeSonto ngempelaso­nto yeDurban July. Uthe uzowethula uma kuqala inyanga nokuyilaph­o ezodalula khona zonke izinhlelo ngawo.

 ??  ?? USEQOPHA eTouch Africa Records uPrince M oke waba yilungu leqembu lowokholo iFaith UMZWILILI osemncane ozakhele udumo ngokucula izingoma zabanye uLasandra ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ethi
USEQOPHA eTouch Africa Records uPrince M oke waba yilungu leqembu lowokholo iFaith UMZWILILI osemncane ozakhele udumo ngokucula izingoma zabanye uLasandra ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ethi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa