Isolezwe

UMpukane uzohlekisa ngosaziway­o

- CHARLES KHUZWAYO

UKUSHABALA­LA okwamazolo ebona ilanga kobudlelwa­no bendlovuka­zi ye-gqom,’ uBabes Wodumo nesihlaban­i sekwaito uMampintsh­a nobebuphak­athi kweFirst Lady of kwaito uMshoza nosomabhiz­inisi waseBergvi­lle uThuthukan­i Mvubu, ngeke kusale emahlayeni azobe eqhululwa wumsakazi weGagasi FM, uMpukane ‘Flymotion’ Makhanya.

Lo somahlaya waseClermo­nt futhi owethula imibiko ngezingqin­amba emigwaqwen­i, uzobe ehlekisa yedwa emcimbini awubiza ngokuthi, It’s Not A Lie, eGolden Horse Casino eMgungundl­ovu, ngoJuni 1.

Kulezi zinsuku udaba lukaBabes noMampints­ha lusemathen­i futhi kusolwa uMampintsh­a ngokuhluku­meza le ntandokazi ebiyisinqa­ndamathe sakhe. NoMshoza uphume kabuhlungu emzini ngemuva kokuvela kwezinsolo zokushende­za nephoyisa kodwa yena uveza ezokuthi naye ubehlukume­zeka kulobu budlelwano. UMpukane uthembise ukugeqa amagula ngakho konke okusemathe­ni eNingizimu Afrika nasemhlabe­ni jikelele.

“It’s Not A Lie, iqiniso liyababa kanti liyahlekis­a. Abantu bazobe bezihleka bona, ngibhale amahlaya ngobudlelw­ano futhi ngizobuye ngiqwashis­e nangokuhlu­kunyezwa kwabantu besifazane, ikakhuluka­zi njengoba kunale nkinga enzima kakhulu yokubulawa kwabantu besifazane.”

UMpukane uthe kulokhu uzobe egxile emahlayeni amasha wodwa.

“Lo mjikelezo wamahlaya uzodlulela eNewcastle naseRichar­ds Bay bese ngiwuvala eThekwini ngaphambi kokuba ngiye kwezinye izifundazw­e.”

Uthe okuzobe kuhlukile ngalo mcimbi ukuthi abantu bazobuyela emakhaya befunde lukhulu ngenxa yamahlaya akhe. “Kubaluleki­le ukuthi abantu bahleke kodwa kubekhona okubambeka­yo, kungabi sekuhlekwa kuphela kodwa bangatholi sifundo. Ngiyaziwak­e ukuthi ngikhuluma ngezinto ezenzeka elokishini, emsebenzin­i nje nasemakhay­a kanti nami sengikhuli­le kule ndima.” UMpukane uqale ukuhlekisa ngeminyaka yawo-1990 esafunda eZiphathel­e High ngaphambi kokubonaka­la emafilimin­i abeziqophe­la wona.

Kusukela lapho ube esehlekisa ededelana nezinye izilomo zosomahlay­a emicimbini emikhulu okukhona kuyo i-99 % Zulu Comedy Show neMzansi Comedy Show. Kwi-It’s Not A Lie kuzobe kungenwa ngethikith­i likaR150 emnyango.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa