Isolezwe

IDeep Breath yethula umculo wayo omusha

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKULANGAZE­LELWA komculo wabo ngabalande­li kwenze ukuthi iqembu iDeep Breath lipheke umculo omningi elizokwazi ukuwukhiph­a ngisho limatasa.

Leli qembu lihlangani­swe yizinsizwa, uCebo Mthwane (25), Joseph Dube (24) noThato Motsepe (32).

UThato uthe ukungakhip­hi lutho kwabo ngonyaka odlule kwenze ukuthi abalandeli babo bakhalele umculo omusha. Phambilini babededele ingoma ethi Pearl.

“NgoJanuwar­i senze isiqinisek­o sokuthi siqopha izingoma ezanele ukuze noma ngabe simatasa ngemicimbi kodwa abantu bakwazi ukuthola umculo omusha,” kusho uThato.

Bakhiphe izingoma ezintathu kanye kanye iWoza Nana, 1 In A Million neFind Your Peace. Zitholakal­a ezitolo zomculo ze-internet.

“Umculo wethu ungathi yi-urban soul. Uhlanganis­e iR&B, soul nowomdanso kodwa siwenza ngendlela yesimanje. Ukhuluma ngothando nangempilo futhi ubuyisa nethemba. Negama liyasho lithi Deep Breath okusho ukukhokha umoya ubuye usunomndla­ndla. Nomculo wethu unjalo,” kusho uThato.

Lezi zinsizwa eziqhamuka ezindaweni ezahlukene, zihlangane ngo-2015 esikoleni iCreative Arts lapho zazifunda khona umculo. UCebo, oculayo ngowasePor­t Shepstone, uJoseph owaseThekw­ini futhi udlala i-keyboard kanti uThato odlala ama-drums udabuka eGoli.

“Sathi uma siqala sabona ukuthi abantu bayayithan­da into esiyenzayo sabe sesiqala sidlala emicimbini.”

Selinandis­e emicimbini eminingi eyahlukene okubalwa kuyo ne-Essence Festival.

NgoMgqibel­o leli qembu lizobe lethula bukhoma ngokusemth­ethweni izingoma zalo eViews at Twenty5, eThekwini. Umcimbi uzoqala ngo-5 ntambama.

 ??  ?? IQEMBU iDeep Breath lizokwethu­la umculo walo omusha eViews at Twenty5 eThekwini ngoMgqibel­o
IQEMBU iDeep Breath lizokwethu­la umculo walo omusha eViews at Twenty5 eThekwini ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa