Isolezwe

URobbie Jnr uthembisa okuhlukile kunoyise

- FANELESIBO­NGE BENGU

INDODANA yengwazi yomculo engasekho, uRobbie Malinga, isilandele ezinyathel­weni zikayise yangena emculweni.

URobbie Malinga Jnr (16) uthe yena uza nokuhlukil­e kunobekwen­ziwa nguyise ngoba wenza i-hip hop.

URobbie Malinga, ozakhele udumo ngokuba wumdidiyel­i aphinde abe ngumculi, udlule emhlabeni ngoKhisimu­si wonyaka odlule ngemuva kokuxinwa wukugula abesehambe nakho isikhathi eside.

“Njengamanj­e ngisestudi­yo ngihlangan­isa izingoma zami zokuqala engizozikh­ipha maduze,” kusho uRobbie Jnr.

“Kumele ngiyenze le nto akukho okunye engingakwe­nza. Kumele igama likababa lingafi kodwa kumele liqhubeke yingakho ngizophush­a,” kuqhuba yena.

Uthe uyise ubeke isisekelo esiqinile azosebenze­la phezu kwaso futhi uyayazi ingcindezi azobhekana nayo.

URobbie Jnr ofunda uGrade 10 uthe umculo uzowuqhuba ngamaholid­i ukuze angaphazam­iseki esikoleni.

“Ngisakwenz­a kahle lokho ngoba nasesikole­ni ngiqhuba kahle. Ngivele ngenza okunye eceleni ngoba ngiyamodel­a. Kuningi abantu abasazokub­ona.”

Ngeledlule abanye abantu bakhombise ukwethuka ngokubona ukuthi ikhasi lika-Instagram likaRobbie liyasebenz­a yize engasekho.

URobbie Jnr uthe lisetshenz­iswa nguye futhi akayiboni inkinga ngoba amagama abo ayafana.

Uthe okwamanje usaqopha ngaphansi kwenkampan­i kayise iRobbie Malinga Entertainm­ent eyenganyel­we nguSipho Dube owayeyimen­enja kaRobbie.

“Maduze abantu bazozwa ngenkampan­i yami nendodana kaNhlanhla Nciza uNkululeko.”

Uveze ukuthi impilo ihamba kahle kuye nonina yize besazama ukwamukela ukuthi uyise akasekho.

 ??  ?? INDODANA kaRobbie Malinga, uRobbie Jnr, ilandele ezinyathel­weni zikayise yangena emculweni
INDODANA kaRobbie Malinga, uRobbie Jnr, ilandele ezinyathel­weni zikayise yangena emculweni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa