Isolezwe

Ithuba eliyingqay­izivele kwabasafuf­usa

- MCEBO MPUNGOSE

UMSAKAZI wesiteshi somphakath­i iVibe FM, uLwazi ‘Mlwazet’ Mdladla, uthi ufuna ukunikeza amaciko asafufusa ithuba eliyingqay­izivele lokuzibona­kalisa ngokuba ‘ngosingaye’ emcimbini kunokuthi babhulele amazolo labo abaziwayo.

Lo msakazi uhlele umcimbi obizwa ngeMlwazet Bavundulul­e Festival ohlose ukunikeza abaculi abangaziwa endimeni ithuba lokugqama.

“Kuzobe kungokokuq­ala ngqa ukuthi kube nomcimbi womculo wamaciko asafufusa. Ngawo ngizobe nginikeza lawa maciko ithuba lokuthi azibonakal­ise, ajatshulis­we nawo ngokuncane akhokhelwe khona ukuze akhuthazek­e,” kusho uMlwazet.

Uthe ucela nabaphathi bezinkampa­ni zomculo ukuthi bafike kulo mcimbi ukuzovumbu­lula ithalente elisha.

Okuhlukile-ke nonyaka ukuthi abaculi abafisa ukuba yingxenye yalo mcimbi kuzomele bavotelwe ngomqhafaz­o bese kuyatonyul­wa ngokwabath­ole amavoti amaningi emikhakhen­i yabo.

Abantu abafisa ukungenela kumele kube ngabenza igqom’, umaskandi ne-hip hop. Abantu bangavota ngokuthume­la umqhafazo enombolwen­i ethi-45633 oqala ngo ‘MBF’ ushiye isikhala, bese ubhala igama lomculi noma iqembu olivotelay­o. Ukuvotela amaciko sekuqalile kanti umcimbi uzoba ngo-Agasti 4, KwaMashu eFan Park.

Ngaphambi kwalo mcimbi ngoJuni 30 eStable Theatre kuzokwethu­lwa iMlwazet Bavundulul­e Festival ezohambisa­na ne-sithangami sabaculi abafisa ukucijwa ngezinto eziningi ezithinta indima yomculo. Kungenwa mahhala. Le micimbi ixhaswe nguMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal.

 ??  ?? ULWAZI ‘Mlwazet’ Mdladla ohlela umcimbi ozogqamisa amaciko asafufusa aphinde akhokhelwe
ULWAZI ‘Mlwazet’ Mdladla ohlela umcimbi ozogqamisa amaciko asafufusa aphinde akhokhelwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa