Isolezwe

Ukhombise enkulu indelelo umfundi ovimbezele uthisha

-

ZININGI izinselelo ezikhona kwezemfund­o eNingizimu Afrika futhi othisha bangabanye babantu abathwele kanzima emsebenzin­i wabo. Ukudelelwa nokuhlukun­yezwa yizingane abazifundi­sayo ngezinye zalezi zinselelo ngoba sebaphelel­wa yisithunzi.

Kukhona abaye bathi othisha baziqeda bona isithunzi ngendlela abanye babo abaziphath­a ngayo njengoba bephuza futhi bejola udede nezingane abazifundi­sayo ezigcina sezibona ontanga bazo uma zibona othisha.

Yize bekhona labo thisha abangamaza­mbane abolile kodwa ayikho ingane enegunya lokwenza ngendlela okuthiwa kwenze ngayo umfundi wakwaGrade 5 esikoleni iSheshane Primary eNquthu.

Lo mfundi kuthiwa uvimbezele uthisha emnyango ngoba emsola ngokuthi akamvikeli ezinganeni ezimhlukum­ezayo kunalokho uthethisa yena. Kuthiwa kuze kwafika udadewabo womfundi nenduku nabazali bakhe bezolekele­la ingane ukuthi ilwe nothisha, bavalela wonke umuntu ngaphakath­i kwasiza ukufika kwamaphoyi­sa.

Ukuthi amanyala anjena enzeka kanjani, ingane ize ivunwe ngisho nangabazal­i bayo ukuthi idelele uthisha ongumuntu omdala yinto emangazayo.

Njengoba siye sibagxeke othisha abaphula imithetho yomnyango wezemfundo nomfundi owenza njengalona sizomgxeka ngoba lokhu akwenzile akuvumelek­ile futhi kuyindelel­o.

Bekufanele umnyango wezemfundo umxoshe lo mfundi kulesi sikole ngoba kuyacaca ukuthi sekuzoba lukhuni ukuthi aqhubeke kuso. Bazomkhuza kanjani othisha abamfundis­ayo uma enza njena?

Isikole akuyona indawo yamabhoklo­lo okufanele acanase emakhanda othisha. Lokhu akwenzile esizwa ngabazali bakhe kuhlukumez­e othisha nabafundi.

Abazali kufanele babambisan­e nothisha ekukhulise­ni ingane ezoba ngumuntu oqotho hhayi lokhu okwenziwe yilaba abaqeqesha isixhwangu­xhwangu.

Ngeke sabalawula abazali balo mfundi ukuthi bazikhulis­e kanjani izingane zabo, uma bethanda ukukhulisa izingane ezingophum­a silwe okwabo lokho kodwa ukuthanda impi kwabo akufanele bakulethe esikoleni ngoba isikole yindawo yokufunda hhayi yempi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa