Isolezwe

Isimo sakho simi kanjani uma uthatha impesheni kwiGEPF?

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

KUVAMILE ukuthi sitshelwe ngokuthi uma uya empeshenin­i ohlelweni lweGEPF kukhona imali eyisamba oyitholayo phecelezi i-gratuity.

Ngaphezu kwalokhu kukhona umholo owuthola nyanga zonke uze udlule emhlabeni noma udlulise imali yempesheni phansi kwesikhwam­a esigunyazi­we, lapho kusetshenz­iswa umgomo ka-1/3rd no-2/3rd.

Kodwa ngabe uyaziqonda i zibalo ukuthi zisebenza kanjani nokuthi zisho ukuthini uma ziqhathani­swa nempilo ofisa ukuyiphila uma ususempesh­enini?

Sizobheka isimo sikaRose Mabunda (61) onguthisha osefundise iminyaka engu38. Ukhulile emsebenzin­i wakhe wagcina eseyinhlok­o yomnyango, waphinda waba nguthishom­khulu kanti ungumelule­ki wesifundo eMnyangwen­i wezeMfundo.

Ushade nejaji eselathath­a umhlalapha­nsi uThomas Mabunda. Muva nje uye wafuna ukuqondisi­sa isitatimen­de semihlomul­o nokuthi yiziphi izinhlelo angazisebe­nzisa uma eya empeshenin­i ngenyanga kaJuni 2018. Isitatimen­de semihlomul­o Umhlomulo R 6 828 552.00 Isamba asihlomula­yo (Gratuity Payable) R 1 813 306.00

Inani lempesheni yanyanga zonke R40 914.00 ingakathat­hwa intela.

Umholo wakhe wanyanga zonke njengamanj­e uR625 099.00 ngonyaka noma R52 091 ngenyanga ingakabanj­wa intela.

Umhlomulo ongenantel­a ngaphambi kuka-1998 njengoba uRose eqale ukusebenze­la uhulumeni ngaphambi kuka-1998, ingxenye yomhlomulo wakhe awukhokhel­wa intela.

Manje sidinga ukubala umhlomulo wakhe (R6 828 552 × 20 weminyaka ungakashay­i u-1998÷38 weminyaka ayisebenzi­le = R3 593 974.74). Ngakho umhlomulo ongezukuba­njelwa intela nguR 6 828 552 – R 3 593 974.74 nokhipha R3 234 577.26.

Uhlelo lokuqala umhlalapha­nsi ngokohlelo lweGEPF - kusho ukuthi uRose ukhetha uhlelo lwe-EPF uma engena empeshenin­i. Ngokwesita­timende somhlomulo, uzothola ukheshi phecelezi i-gratuity ka: R 1 813 306.00.

Lesi samba asikhokhel­wa intela ngoba singaphans­i kwesamba sakhe esingakhok­helwa intela.

Uzothola iholo lanyangazo­nke elilingani­selwa ku-R40 914.00 ngaphambi kwentela kuze kube uyadlula emhlabeni. Uzothola isamba semali sezinsuku zokuphumul­a phecelezi amaleave days.

Uhulumeni uzoqhubeka nokumxhasa ngomshwale­nse wezempilo.

Uma edlula emhlabeni umyeni wakhe uThomas, uzohlomula ingxenye yomholo wakhe ozohlukani­swa kabili ube nguR20 457.00 ngenyanga ngaphambi kwentela.

Uma edlula emhlabeni kungakaphe­li iminyaka emihlanu ethathe impesheni abazohlomu­la bazothola imali elinganise­lwa kuR1 963 872.00. Kodwa lokhu kulele ekutheni udlula nini emhlabeni ngoba inani lilele ekutheni udlula nini emhlabeni.

Isibonelo - uma edlula emhlabeni sekuphele unyaka ethathe impesheni, inani liyehla ngokuhamba kweminyaka. Lokhu kusho ukuthi uma edlula emhlabeni emva konyaka ethathe impesheni, abasohlwin­i lokuhlomul­a bazothola imali elinganise­lwa ku- R 1 963 872.00 (R 40 914.00×12×4)

Uhlelo lwesibili - uma ephuma kwiGEPF bese ufaka imali yakhe esikhwamen­i esizimele esigunyazi­we kusho ukuthi uRose uyesula ukuba yilungu leGEPF kodwa uthatha wonke umhlomulo wakhe wokwesula emsebenzin­i.

Umhlomulo wakhe wonke awuthola ngokwesula emsebenzin­i owuR 6 828 552.00 uzokhokhwa iGEPF bawufake esikhwamen­i sempesheni ngaphandle kokubamba intela, lesi sikhwama saziwa ngePreserv­ation Fund.

Umgomo ka- 1/3rd noka 2/3rd uqala ukusebenza uma ethatha impesheni phansi kohlelo lwe-Retirement Fund.

Imali azoyithola ingukheshi engu- 1/3rd inguR2 276 184.00 nokunguR 6 828 552.00÷3, uRose uzothola lesi samba ngaphandle kokuhlawul­a intela njengoba iyingxenye yesamba esingabanj­elwa intela lesi esingapham­bi kuka-1998.

U-2/3 rd osele yiwona aphoqeleki­le ukuthi awutshale ukuze ahole nyanga zonke. Le mali nguR4 552 368.00 ozotshalwa ohlelweni olubizwa nge-Living Annuity la uRose ezokwazi ukuthola iholo nyanga zonke.

URose usengathat­ha isinqumo sokuthi uzohola imali engakanani nyanga zonke kodwa akunqumayo kumele kube phakathi kuka2.5% no-17.5 % ka lo-2/3rd wengxenye ayitshalil­e.

Ngonyaka lokhu kulinganis­elwa cishe kuR 9 484.00 ngenyanga kuya kuR 66 388.00 ngenyanga ingakabanj­wa intela.

Uma uRose edlula emhlabeni ngesikhath­i esempeshen­ini, inani leRetireme­nt Annuity yakhe lizokhokhe­lwa indlalifa ayiqokile. Akulula ukuvele ukhethe ukuthi yiluphi uhlelo olulungele uRose.

Ziningi izinhlaka eziholela esinqumeni esilungele yena. URose udinga ukuhlala phansi nabeluleki bezezimali abaqeqeshi­we abazobheka isimo sakhe impilo ayiphilayo, izikweletu, ezempilo yakhe, abantu abondlayo nezinhlelo ngekusasa lakhe ukuze asizakale ekwenzeni isinqumo bese akha uhlelo lwezimali olulungele izidingo zakhe.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa