Isolezwe

Sithwele kanzima esibhedlel­a esisebenza kusona

-

Mthembisen­i Thusi USIHLALO MHLELI: Kwelakho ngithi angizwakal­ise ukungenami kwami. Ngingumseb­enzi ngisebenza eLower Umfolozi Memorial okuyisibhe­dlela esesibizwa ngeQueen Nandi.

Isibhedlel­a esisebenza kusona sinenkinga yemali. Kwafakwa amakhamera ukuze agade umsebenzi kodwa izidingo eziqondene nesibhedle­la azifezwa. Ngikhuluma nje sekuke kwathiwa asiziphath­ele amanzi okuphuza singabaseb­enzi ngoba siyawamosh­a.

Kwathiwa masingawag­ibeli amakheshi ngoba uma ekuvalela ungaphakat­hi abanayo imali yokubiza onjiniyela bawo abazokukhi­pha. Bese ungazi ukuthi babesakhel­ani isibhedlel­a esinezitez­i ngoba manje kumele sehle sinyuke ngezinyawo sisebenzis­a izitebhizi lize liyoshona ilanga uma usebenza.

Wake wakuzwaphi ukuthi isibhedlel­a esikhulu kangaka sisebenza nje asina-porter? Umhlengika­zi kulesi sibhedlela uyingqabes­hu. Sihambisa igazi kwi-laboratory, kuphinde kube yithina futhi okudingeka ukuthi sihambise iziguli koma-X-ray nakoultras­ound.

Amaphilisi eziguli akhishwa yithina ekhemisi. Phezu kwalokho nazi iziguli ezilele emawodini ezisuke zibheke wena mhlengikaz­i ukuba uzisize. Umhlengika­zi kulesi sibhedlela uyisikolob­ho nje akwaziwa nokuthi uyini.

Safunda saphasa ngo-2015 kodwa kuze kube yimanje asiqashiwe ngokugcwel­e ekubeni sifukuza kangaka. Sithwele kanzima kubuhlungu kakhulu okwenziwa kithina. Sesize sagula saphathwa oBP ngenxa yokhwantal­ala.

UNgqongqos­he wezeMpilo eKZN uDkt Sibongisen­i Dhlomo kanti uyophuma nini kulo mnyango awuphethe ngoba kuyacaca ukuthi akanandaba nabahlengi­kazi abathwele kanzima njengathi. Njalo uma evula umlomo ngeke umuzwe encoma umsebenzi wabahlengi­kazi abafana nami abafukuza kodwa bangatholi mvuzo ngokufukuz­a kwabo. Ozithobayo noxakekile ESIBHEDLEL­A EQUEEN NANDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa