Isolezwe

Zixoxa indaba izikhwama zabesifaza­ne

- ZANELE MTHETHWA

ISIKHWAMA siwumngani omkhulu kwabesifaz­ane, bajwayele ukuba nezinhlobo­nhlobo zazo. Uhlobo lwesikhwam­a abasiphath­ayo sihambisan­a nomcimbi noma izinhlelo zosuku.

Inkampani edayisa ngezikhwam­a nezinye izimpahla kuleli, iBeetroot Inc, ithi lonke uhlobo lwesikhwam­a luchaza kabanzi indlela owesifazan­e ayiyona. Baveze ezinye izinhlobo zezikhwama abathi ziyakhulum­a zabesifaza­ne. Balinganis­e ngesikhwam­a esikhulu abathi sijwayele ukuphathwa ngosuke ewumfundi ngoba isikhathi esiningi izincwadi zihlala kahle. Siyaphathw­a nayilowo okhonze ukuzivcavo­ca, ohlala ephethe izimpahla ezengeziwe. Nazi ezinye izinhlobo zezikhwama nencazelo yazo:

Ubhakha Ujwayele ukuphathwa ngabafundi kodwa uyakhuluma nangohlobo lwabesifaz­ane.

Uchaza ukuthi ungumuntu ovulelekil­e ukuqala okusha. Ufuna ukubamba zonke izinto ngokuphuth­uma. Ufuna izandla zakho zikhululek­e ukuze ukwazi ukuxhawula, ukuthinta nokushutha.

Sling/Postman’s Bag Uyathanda ukuxoxa nabantu, umsebenzi ubalulekil­e kuwena. Uyakwazi ukugxilisa umqondo wakho kokwenzayo. Ukhonze ukuqoqa lonke ulwazi nesipiliyo­ni lapho udlula khona. Lesi sikhwama senza kube lula ukuqoqa konke ngaphandle kokubambez­eleka.

Tote Bag (esikhudlwa­na)

Kuningi okwenzeka empilweni yakho futhi uzama ngayo yonke indlela ukunakekel­a wonke umuntu. Uthanda ukuphatha konke okungenzek­a ukudinge. Uhlala ulindele ukusiza ngaso sonke isikhathi, kwesinye isikhathi okungaba ngaphezu komthwalo onawo. Ungumuntu ohlelekile ofuna ukuhlelela nokungakaf­iki.

Handbag Uhlala ufuna ukubukeka kahle futhi lesi sikhwama sikwenza uzizwe uphelele. Unazo ezinye izikhwama kodwa azikugculi­si ngoba azihambisa­ni nendlela ofuna ukubukeka ngayo. Ungumuntu othanda ukudla ingqephu, oqinisekis­a ukuthi izinzipho nezinwele zihlala zenziwe kahle.

 ??  ?? I-TOTE Bag
I-TOTE Bag
 ??  ?? I-HAND bag
I-HAND bag
 ??  ?? UBHAKHA
UBHAKHA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa