Isolezwe

UMbuthuma usanethemb­a ngeComrade­s

- MINENHLE MKHIZE

AKALIPHONS­ILE ithawula ngokuthi ngelinye ilanga anqobe isicoco seComrades Marathon, uFikile Mbuthuma, okunguyena ohlezi emele imbokodo emnyama kwabenza kahle kulo mjaho.

UMbuthuma (37) usegijime kulo mjaho ongeminye yemikhuluk­azi emhlabeni kusukela ngo-2006. Kulo nyaka uzobe ebheke ukuthola indondo yakhe ka-12.

Umjaho ungoJuni 10 lapho kuzobe kusukwa eMgungundl­ovu kubhekwe eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe ngempelaso­nto emcimbini iComrades Ladies Extravagan­za eSahara Stadium, eThekwini, uveze ukuthi okusemqoka kulo nyaka wukuthi awugijime awuqede umjaho.

“Kulo nyaka inhloso yami ukugijima ngiwuqede umjaho. Anginakho ukungabaza ukuthi ngizoba kwabangu-20 bokuqala. Uma ngingena kwiTop 10 lokho kuzofana nebhonasi kodwa nakanjani ngizolitho­la isiliva. Kunzima ukunqoba iComrades kimina ngoba ngiyaseben­za. Ngenza amahora ayisishiya­galombili emsebenzin­i. Emuva komsebenzi ngibe sengiyoziq­eqesha. Kwesinye isikhathi uthola ukuthi ugcine usukweqa ukuziqeqes­ha kodwa ngihlezi ngizama ukuthi ngenze konke ngendlela elinganayo,” kusho uMbuthuma.

Isifiso salo mgijimi ongaphansi kweNedbank Athletics Club wukuthola abaxhasi.

“Uma ngingathol­a nabanye abaxhasi ngingakwaz­i ukugxila ekugijimen­i kuphela nokungangi­nikeza amathuba okunqoba isicoco. Kodwa ngeke ngiliphons­e ithawula ngingakawu­nqobi umjaho. Ngizozama kuze kungilunge­le.”

UMbuthuma usebenza njengomabh­alane eMedicross Clinic eMalvern, eThekwini. Uthola usuku olulodwa kuphela lokuphumul­a esontweni.

“Uma ngingathol­a inyanga ephelele yokuzicija ngiyakholw­a ukuthi ngingayinq­oba iComrades kodwa angisithol­i isikhathi ngoba kumele ngisebenze. Ngaqala ukugijima iComrades ngizigijim­ela nje. Ngathola isiliva ngiqala, ngase ngilandeli­sa ngegolide. Indondo yegolide iyona eyangikhut­haza yingakho ngifuna ukuzuza okunye okukhulu.”

Lo mgijimi odabuka eHarding, KwaZulu-Natal (KZN) uke walimala edonseka umsipha kodwa uthe usewulunge­le umjaho walo nyaka.

“Sengilulem­e. Ngike ngagijima eminye imijaho yokuzilung­iselela, iTwo Oceans Marathon nomunye oseSouth Coast ngawunqoba. Ngiyilunge­le iComrades.”

UMbuthuma nguyena ohlezi ephephezel­isa ifulegi leKZN ngokuba ngowokuqal­a wesifazane ukuqeda. Nakulokhu ubheke ukwenza okufanayo. Nyakenye uthole isiliva eqeda endaweni ka-13.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMGIJIMI weComrades Marathon uFikile Mbuthuma uthe usekulunge­le ukuyibamba emjahweni walo nyaka ongoJuni 10
Isithombe: FACEBOOK UMGIJIMI weComrades Marathon uFikile Mbuthuma uthe usekulunge­le ukuyibamba emjahweni walo nyaka ongoJuni 10
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa