Usihlalo weRichards Bay akalifisi izembe
AKALIFISI nalapho ehambe khona izembe usihlalo weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, ezakhe ezisinde ngokulambisa kwiNational First Division (NFD).
IRichards Bay FC ivike izembe ngomzuzu wokugcina. Iguqise iMbombela United ngo 1-0 wegoli likaStanley Mashoond Kabokweni Stadium emdlalweni wokugcina weNFD.
Leli qembu bekumele linqobe kumnyama kubomvu ukuze liphume ezembeni. Umbango wezembe ubushubile phakathi kweRichards Bay, Ubuntu Cape Town, Super Eagles noThongathi. UMthatha Bucks ubuvele usuhambile kanti bese kudingeka iqembu elizokwehla noMthatha. Izembe ligcine ligawulwe iSuper Eagles yaseFree State. Konke lokhu kwenzeke ngosuku lokugcina.
Ubuntu bubhuquzise iTshakhuma ngo 3-1 kwathi Uthongathi lwathela othulini i-University of Pretoria ngo 1-0 njengoba i-Eagles idlale ngokulingana noMthatha.
IBay igcine iqede endaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu34 emidlalweni engu-30. UBiyela uveze ukuthi bafunde lukhulu ngokuvika izembe.
“Sifunde izifundo eziningi. Sizosebenzela phezu kwazo ukuze sigweme ukuzithola sikule simo esizithole sikusona. Akuyona into elula indaba yokuhlala ekugcineni. Kuyimanje ngisahlabe ikhefu ebholeni. Ngiyayenza nje le ngxoxo ngoba ngihlonipha wena. Ngesizini ezayo asifuni ukuzithola sivika izembe. Kumele siqoqe amaphuzu kusakhanya. Okuhle wukuthi sizoba nesikhathi esanele sokwenza amalungiselelo okuqala kwesizini. Ekuqaleni kwesizini asizange silithole ithuba elanele lokuhlanganisa iqembu,” kusho uBiyela.
Ngesikhathi iThanda Royal ikhala yemuka nesicoco seNFD, uBiyela nguyena obeyisikhulu esiphezulu kuleli qembu.
“Kunamaphuzu esiwalahlile obekungamele siwalahle. Sike sathola iphenathi ngemizuzu yokugcina kodwa sayigeja sagcina sidlale ngokulingana komunye umdlalo. Sike sahamba phambili sidlala noMthatha, unompempe wengeza imizuzu eyisithupha sagcina sidliwe. Yizona zonke izinto okufanele sizigweme lezo ngesizini ezayo. Ngeke siziqhathanise neThanda. Kwayithatha iminyaka eyisishiyagalombili ukuthi ingene esigabeni esikhulu. Thina asikaqedi ngisho unyaka sisunguliwe. Sinezinyanga ezingu-10. Uma livela ithuba lokuthi sifake umbango wesicoco ngeke siliyeke kodwa ngeke sizifakele ingcindezi engenasidingo,” kusho uBiyela.
USello Ntuli nguyena obebambe izintambo kule midlalo emithathu yokugcina. “Sizobhunga ngendaba yethimba labaqeqeshi. Okwamanje ngisafuna ukukhohlwa kancane yibhola,” kusho uBiyela.