Izama ukungadayisi iStars ezicijela imidlalo yeCAF
ASIDAYISI isilomo somdlali weFree State Stars uSinethemba Jantjie okuvela ukuthi sigaqelwe yizinkunzi zamaqembu aseGauteng.
UJantjie, oyibamba ngasezinhlangothini, uzakhele igama ngebhola lakhe elimnandi, elidle ngemijiko eya phambili, alikhombise ngesizini esanda kusongwa.
Ufake isandla ekutheni iStars ikhale yemuke nesicoco seNedbank Cup. Bathele othulini iMaritzburg United ngo 1-0 wegoli likaGoodman Dlamini ngesonto eledlule eCape Town Stadium, eKapa.
Isikhulu seStars, uRantsie Mokoena, sitshele Isolezwe ukuthi asizimisele ngokudayisa uJantjie osenenkontileka neqembu.
“Ngeke siyishintshe indaba yokudayiswa kwabadlali. Indaba yokudayiselana ngabadlali yinto eyenzeka umhlaba wonke. Siyazama ngazo zonke izindlela ukuthi sigcine abadlali bethu. Nokho lokho akusho ukuthi abekho abadlali abazohamba.
“Nathi sizobe sibheke abadlali bamanye amaqembu. Nginesiqiniseko sokuthi namanye amaqembu azobe ebheke abadlali bethu. USinethemba usenenkontileka neqembu. Abamfunayo kumele baxhumane nathi. Ngemuva kwalokho kuzoya ngokuthi siyafuna yini ukudayisa noma cha kodwa uma ngingaphendula ngendlela eqondile nje ngingakutshela ukuthi asizimisele ukumdedela,” kusho uMokoena.
Ngesizini ezayo iStars sizobe sidlala kwiCAF Confederation Cup kulandela ukudla ubhedu kwiNedbank Cup.
“URooi Mahamutsa noPaulus Masehe abayi ndawo. Basazoqhubeka nokudlala eqenjini. Babambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeqembu. Yingakho bezoqhubeka bahlale eqenjini. Bazoba wusizo olukhulu njengoba iqembu liyodlala kwiConfederation Cup ngenxa yesipiliyoni sabo,” kusho uMokoena.
Uthe abayisabi inselelo yokuyodlala kwiConfederation Cup.
“Awukwazi ukwesaba into ongayazi. Sizoya laphaya sibone ukuthi sihamba ibanga elingakanani. Into emqoka yisipiliyoni esizosithola kwiCAF. Vele yinto eyaziwayo ukuthi amaqembu amaningi asuke edlala laphaya adonsa kanzima emidlalweni yeligi kodwa kumele sizame ukuqhamuka namaqhinga azosenza ukuthi singalinge singene ogibeni olufanayo,” kusho uMokoena.