I-Arrows izolungisa indaba kaLamola
ILAMONTVILLE Golden Arrows isezinhlelweni zokuvuselela inkontileka yomgadli wayo omqoka uLerato Lamola.
Inkontileka kaLamola ne-Arrows iyaphela ngoJuni. Usihlalo weqembu uMato Madlala utshele leli phephandaba ukuthi banesivumelwano noLamola.
“ULamola sinesivumelwano naye. Yebo, inkontileka yakhe iyaphela kodwa sinesivumelwano esiphakathi kwethu sobabili. Ngizohlangana naye nje maduze ukuzolungisa indaba yakhe,” kusho uMadlala.
ULamola (31) nguyena oqede isizini enamagoli amaningi kuBafana Bes’thende. Ubasele phakathi amagoli ayishiyagalombili emidlalweni engu-27 yeligi.
“Nakanjani iqembu lethu sizoliqinisa. Okwamanje akukenzeki lutho. Kuzoqala ukuphithizela ngoJuni kuya phambili. Abaqeqeshi ngisazohlala nabo phansi banginike uhla lwabadlali nezindawo abafuna ukuziqinisa. Njengenjwayelo sizophinde sikhuphule abafana abancane abenza kahle kwiMultiChoice Diski Challenge,” kusho uMadlala.
I-Arrows isiqede kwiTop 8, amasizini amabili elandelana. Ngesizini edlule iqede endaweni yesishiyagalombili kanti kule sizini esanda kusongwa iqede endaweni yesikhombisa kodwa yabuye yehlela kweyisishiyagalombili ngemuva kwesinqumo secala le-Ajax Cape Town.
“Ngikholwa wukuthi besingenza kangcono. Ukulimala kwabadlali abamqoka ngesikhathi esisodwa kube nomthelela omubi. Kwenze salahlekelwa ngumgqigqo phakathi nesizini kodwa sikwazile ukubuya ngamandla. Sifunde isifundo ngokwenzekile. Kuyinto enhle ukuthi iqembu seliqede amasizini amabili elandelana kwiTop 8. Asifuni ukuthi uma kukhulunywa ngeArrows kukhulunywe ngezembe. Nathi sifuna ukuheha abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Ngeke kube lula ukubaheha uma uhlale uvika izembe ngaso sonke isikhathi,” kusho uMadlala.
KwiMTN 8, i-Arrows izodudulana nompetha be-Absa Premiership, iMamelodi Sundowns. Ngesizini edlule i-Arrows yakhishwa yiBidvest Wits kuma-quarterfinal eMTN 8. Leli qembu layinqoba le ndebe ngo-2009.