Isolezwe

ABALANDELI BE-CHIEFS ABAYIZWA EYENDEBE YAKA-SHELL

-

SEKUMCACEL­E uPotshoza ukuthi indlela iKaizer Chiefs ebalimaze ngayo abalandeli bayo ngesizini esanda kusongwa zisekude ukuphola izilonda ezishiye kubona.

Abalandeli abafuni kuzwa lutho oluqhamuka kwiChiefs uma kungesikho­na ukuthi ibatshela ngokuthi ngubani umqeqeshi omusha weqembu.

Lezi yizona izindaba abazilinde­le ngabomvu kusukela kwasula uSteve Komphela abashiye bengazange banqobe lutho kumasizini amathathu.

Leli qembu like laveza ekhasini lalo enkundleni yokuxhuman­a iFacebook ukuthi linomtitil­izo wokuyobuka umjaho wamahhashi, iVodacom Durban July. Iningi labalandel­i likuveze obala ukuthi aliyingeni leyo.

Muva nje bekwethulw­a umqhudelwa­no ozokwandul­ela isizini entsha lapho iChiefs izoqhuthan­a nompetha be-Absa Premiershi­p iMamelodi Sundowns. Nakhona iningi labaphawul­ile, libuze ukuthi uphi umqeqeshi omusha nabadlali abasha.

Le ndebe ebizwa ngeShell Helix Ultra Cup izodlalelw­a ngoJulayi 21 eFNB Stadium, eGoli.

“IChiefs izama ngayo yonke indlela ukunqoba indebe? Uma iSundowns inqoba kuzokwe-nzekalani? Nizokwenza iCaltex noma i-Engen Cup? IChiefs yami isiyihlaya,” kubhala uThabo Zac Sehoapa.

UMashe Drum uthe: “Asikho isidingo sokudlalel­a le nkomishi. Inikeni iSundowns. Ngiwumland­eli weKhosi kodwa angisenand­aba. Sidinga ushintsho. IChiefs izoluthola kanjani ushintsho uma sisathembe­la kumdlali ofana noBernard Parker. Sidinga izinyawo ezintsha.”

Abanye babaze ubukhulu beChiefs ngokuthi akekho ongafuni ukufaka imali uma lingekho igama layo. Benza isibonelo ngeCarling Black Label Cup neMaize Cup. UPotshoza usengabakh­umbuza abalandeli beMpofana ukuthi le miqhudelwa­no engathi shu iyona enqotshwe uKomphela eminyakeni emithathu eyihlale eNaturena.

 ??  ?? SIYANDA XULU
SIYANDA XULU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa