Isolezwe

ICHIPPA UNITED ICHITHE UMDLALI

-

ngaphansi kukaGordon Igesund.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini edlule. Ufike kwiTeam of Choice walubamba lwathula udonga lwayo elekelelan­a enkabeni yalo noBevan Fransman.

Bayisize yaqeda endaweni yesine kwi-Absa Premiershi­p yaphinde yadlala okokuqala kowamanqam­u womkhumula­jezi lapho ihlulwe iFree State Stars ngo 1-0 koweNedban­k Cup. Engxoxweni abe nayo ne-website yeSafa uXulu uthe ubengalind­ele ukuthi umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, aqoke yena njengokapu­teni.

“Bengingaku­lindele lokhu. Kungimanga­zile ukuthi umqeqeshi aqoke mina njengokapu­teni. Ukubuya kwami ngikuthath­a njengokuqa­la phansi, ngifunde izinto ezintsha nakozakwet­hu. Lena yindlela yokuvusele­la ibhola lami ezingeni lomhlaba. Bengigxile emdlalweni wami, bengingali­ndele ukuthi ngingaba ukaputeni,” kusho uXulu.

IBafana izoqala umqhudelwa­no weCosafa ngeSonto esigabeni samaquarte­rfinal lapho izobhekana nozonqoba uGroup A obophele iMadagasca­r, Mozambique, Comoros neSeychell­es. kwiChippa United ngesizini edlule wafunda wagomela ukuthi ngeke aphinde abuyele kuleli qembu esikhalayo kulona isitswebhu kubaqeqesh­i.

Kodwa uthe uma usihlalo weChippa, uSiviwe Mpengesi, emnika elinye ithuba lokuzoqeqe­sha walibamba ngazo zombili.

UPotshoza njengendod­a enabangani abaningi, ithunyelel­we enye ingxoxo uMalesela abe nayo nomunye wemisakazo ngomsebenz­i wakhe omusha.

Ilapho esho khona ukuthi impilo ibinzima engasebenz­i.

Wachithwa iChippa ngasekuqal­eni kwesizini edlule ngoSepthem­ba.

“Bekunzima kakhulu. Ngiyazi kunabantu abacabanga ukuthi angaliding­i ibhola engingazi ukuthi bakuthatha­phi lokho. Abazitshel­a ukuthi ngimi kahle. Abanye bacabanga ukuthi unkosikazi wami ucebile, angincikil­e kunkosikaz­i wami. Ngebhadi bazitshela ukuthi ngizohlala ekhaya ngokunethe­zeka. Kodwa bekuyinto ehlukile kakhulu kunalokho. Bekunzima, bengisokol­a,” kusho uMalesela.

Uthe ukuhlala ekhaya kumenze wacabanga ngokwenzek­ile phakathi kwakhe noMpengesi.

“Ekugcineni noma ngabe ikuphi ukungaboni ngaso linye esibe nakho bekumele ngikudluli­se. Kukhulu angenzele khona, ngibone ukuthi ngiyamkwel­eta. Uyena owabona ukuthi ngingaqeqe­sha kwiPremier­ship,” kusho uMalesela.

UPotshoza usezohlala amincele

KUHLUKENE inhloko nesixhanti phakathi komdlali neChippa United ngemuva kokungavum­elani ngenkontil­eka entsha. Izolo ekuseni i-United idalule ekhasini layo kwi-twitter ukuthi kuphelile phakathi kwayo noBuyani Sali.

“Usihlalo uSiviwe Mpengesi usememezel­e ukuthi uBuyani Sali uyahamba ekupheleni kwesizini ngemuva kokungavum­elani ngenkontil­eka entsha. IChippa United iyambonga kakhulu uSali ngokuzinik­ela kwakhe eqenjini,” kubhalwe kanje. USali ufike eqenjini ngo-2010.

Khonamanja­lo kuvela ezithi iChilli Boys isisayinis­e uThabo Nthethe odlala emuva. Inkontilek­a yakhe ibiphela kwiMamelod­i Sundowns ngoJuni. Lesi sitobha kuke kwavela ukuthi sifunwa yiMaritzbu­rg United esanda kuqiniseki­sa ukuthi uBevan Fransman ngeke abuye ngesizini ezayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa