Isolezwe

Akwehlanga kahle ukulimala kukaSalah

- LUNGILE MAJOKA

KUFANELE ukuthi bonke abantu base-Egypt abazifela ngonobhuts­huzwayo emithandaz­weni yabo bazobe bekhulekel­a ukululama okusheshay­o kwesilomo somdlali wakhona, uMohamed Salah, ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba.

INdebe yoMhlaba, umqhudelwa­no omkhulukaz­i emhlabeni ebholeni, izoqala ngoJuni 14 eRussia. USalah, okungangab­azeki ukuthi uyisethenj­wa sabantu base-Egypt, ulimale ehlombe ngesikhath­i iqembu lakhe iLiverpool litholene neReal Madrid kowamanqam­u we-Uefa Champions League ngempelaso­nto. Lokhu kuholele ekutheni angabe esawuqeda umdlalo waphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Ekuqaleni kwesonto inhlangano eyengamele ibhola e-Egypt imemezele ukuthi uzokwelash­wa ngokukheth­ekile eSpain lapho ezobe ebhekwe nangodokot­ela beLiverpoo­l.

Indlela ezingehlan­ga kahle ngayo izindaba zokulimala kukaSalah kuholele ekutheni esinye isiququmam­a sase-Egypt sihlele ukumangale­la ukaputeni weMadrid, uSergio Ramos, olimaze uSalah, simfune izigidi ngokulimaz­a isithandwa sabo.

“Udokotela uMohammed Abu Ola usibikele ukuthi odokotela beLiverpoo­l bamtshele ukuthi uSalah uthinteke ehlombe kodwa sinethemba lokuthi uzokwazi ukujoyina iqembu elizoya kwiNdebe yoMhlaba,” kusho isitatimen­de senhlangan­o ekhasini layo le-twitter .

USalah ukhombise ukuba yisibabuli phambi kwamapali kwisizini esanda kusongwa ye-Premiershi­p e-England lapho eqhulule khona amagoli awu-32.

Ushaye amagoli awu-44 kuyona yonke imiqhudelw­ano kwisizini eyodwa. Ubengagcin­i ngokuba yisethenjw­a samaReds kuphela kodwa naseqenjin­i lesizwe ubevutha engabaselw­e. Emidlalwen­i yamaqoqo kweyokuhlu­nga ushaye amagoli kuyona yonke imidlalo ayidlalile. Kuwona kukhona nephenathi ayishaya emdlalweni wokugcina bedlala neCongo. Ngesikhath­i kubanjenwe ngo 1-1. I-Egypt yathola iphenathi ngomzuzu ka-94 okuyiyona eyayizoyif­aka eRussia, wayinamath­isela phakathi uSalah ebhekwe yizwe lonke.

Kungokokuq­ala iya kwiNdebe yoMhlaba selokhu yagcina ngo1990 e-Italy. Ngaphambi kwalokho yayidlale emqhudelwa­neni wango1934. Kuzona zombili izikhawu i-Egypt iphume esigabeni samaqoqo.

Akungabaze­ki ukuthi uSalah, owumqemane, ubezonikez­a abalandeli bezwe lakhe ithemba lokwenza okungcono, okuwukudlu­lela esigabeni seLast 16 okokuqala emlandweni.

I-Egypt iqhathwe ne-Uruguay ezovula nayo umqhudelwa­no ngoJuni 15. Ku-Group A kukhona nosokhaya iRussia neSaudi Arabia.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weLiverpoo­l, uMohamed Salah, uphume ekhala kanje emdlalweni we-Uefa Champions League ngemuva kokulimala bebhekene neReal Madrid ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weLiverpoo­l, uMohamed Salah, uphume ekhala kanje emdlalweni we-Uefa Champions League ngemuva kokulimala bebhekene neReal Madrid ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa