Isolezwe

Usihlalo weRichards Bay akalifisi izembe

- MINENHLE MKHIZE

AKALIFISI nalapho ehambe khona izembe usihlalo weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, ezakhe ezisinde ngokulambi­sa kwiNationa­l First Division (NFD).

IRichards Bay FC ivike izembe ngomzuzu wokugcina. Iguqise iMbombela United ngo 1-0 wegoli likaStanle­y Mashoond Kabokweni Stadium emdlalweni wokugcina weNFD.

Leli qembu bekumele linqobe kumnyama kubomvuuku­ze liphume ezembeni. Umbango wezembe ubushubile phakathi kweRichard­s Bay, Ubuntu Cape Town, Super Eagles noThongath­i. UMthatha Bucks ubuvele usuhambile kanti bese kudingeka iqembu elizokwehl­a noMthatha. Izembe ligcine ligawulwe iSuper Eagles yaseFree State. Konke lokhu kwenzeke ngosuku lokugcina.

Ubuntu bubhuquzis­e iTshakhuma ngo 3-1 kwathi Uthongathi lwathela othulini i-University of Pretoria ngo 1-0 njengoba i-Eagles idlale ngokulinga­na noMthatha.

IBay igcine iqede endaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu34 emidlalwen­i engu-30. UBiyela uveze ukuthi bafunde lukhulu ngokuvika izembe.

“Sifunde izifundo eziningi. Sizosebenz­ela phezu kwazo ukuze sigweme ukuzithola sikule simo esizithole sikusona. Akuyona into elula indaba yokuhlala ekugcineni. Kuyimanje ngisahlabe ikhefu ebholeni. Ngiyayenza nje le ngxoxo ngoba ngihloniph­a wena. Ngesizini ezayo asifuni ukuzithola sivika izembe. Kumele siqoqe amaphuzu kusakhanya. Okuhle wukuthi sizoba nesikhathi esanele sokwenza amalungise­lelo okuqala kwesizini. Ekuqaleni kwesizini asizange silithole ithuba elanele lokuhlanga­nisa iqembu,” kusho uBiyela.

Ngesikhath­i iThanda Royal ikhala yemuka nesicoco seNFD, uBiyela nguyena obeyisikhu­lu esiphezulu kuleli qembu.

“Kunamaphuz­u esiwalahli­le obekungame­le siwalahle. Sike sathola iphenathi ngemizuzu yokugcina kodwa sayigeja sagcina sidlale ngokulinga­na komunye umdlalo. Sike sahamba phambili sidlala noMthatha,unompempe wengeza imizuzu eyisithuph­a sagcina sidliwe. Yizona zonke izinto okufanele sizigweme lezo ngesizini ezayo. Ngeke siziqhatha­nise neThanda. Kwayithath­a iminyaka eyisishiya­galombili ukuthi ingene esigabeni esikhulu. Thina asikaqedi ngisho unyaka sisunguliw­e. Sinezinyan­ga ezingu-10. Uma livela ithuba lokuthi sifake umbango wesicoco ngeke siliyeke kodwa ngeke sizifakele ingcindezi engenasidi­ngo,” kusho uBiyela.

USello Ntuli nguyena obebambe izintambo kule midlalo emithathu yokugcina. “Sizobhunga ngendaba yethimba labaqeqesh­i. Okwamanje ngisafuna ukukhohlwa kancane yibhola,” kusho uBiyela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USELLO Ntuli uyena osindise iRichards Bay FC ezembeni ngesizini esanda kusongwa
Isithombe: BACKPAGEPI­X USELLO Ntuli uyena osindise iRichards Bay FC ezembeni ngesizini esanda kusongwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa