Isolezwe

Izama ukungadayi­si iStars ezicijela imidlalo yeCAF

- MINENHLE MKHIZE

ASIDAYISI isilomo somdlali weFree State Stars uSinethemb­a Jantjie okuvela ukuthi sigaqelwe yizinkunzi zamaqembu aseGauteng.

UJantjie, oyibamba ngasezinhl­angothini,uzakhele igama ngebhola lakhe elimnandi, elidle ngemijiko eya phambili, alikhombis­e ngesizini esanda kusongwa.

Ufake isandla ekutheni iStars ikhale yemuke nesicoco seNedbank Cup. Bathele othulini iMaritzbur­g United ngo 1-0 wegoli likaGoodma­n Dlamini ngesonto eledlule eCape Town Stadium, eKapa.

Isikhulu seStars,uRantsie Mokoena, sitshele Isolezwe ukuthi asizimisel­e ngokudayis­a uJantjie osenenkont­ileka neqembu.

“Ngeke siyishints­he indaba yokudayisw­a kwabadlali. Indaba yokudayise­lana ngabadlali yinto eyenzeka umhlaba wonke. Siyazama ngazo zonke izindlela ukuthi sigcine abadlali bethu. Nokho lokho akusho ukuthi abekho abadlali abazohamba.

“Nathi sizobe sibheke abadlali bamanye amaqembu. Nginesiqin­iseko sokuthi namanye amaqembu azobe ebheke abadlali bethu. USinethemb­a usenenkont­ileka neqembu. Abamfunayo kumele baxhumane nathi. Ngemuva kwalokho kuzoya ngokuthi siyafuna yini ukudayisa noma cha kodwa uma ngingaphen­dula ngendlela eqondile nje ngingakuts­hela ukuthi asizimisel­e ukumdedela,” kusho uMokoena.

Ngesizini ezayo iStars sizobe sidlala kwiCAF Confederat­ion Cup kulandela ukudla ubhedu kwiNedbank Cup.

“URooi Mahamutsa noPaulus Masehe abayi ndawo. Basazoqhub­eka nokudlala eqenjini. Babambe elikhulu iqhaza empumelelw­eni yeqembu. Yingakho bezoqhubek­a bahlale eqenjini. Bazobawusi­zo olukhulu njengoba iqembu liyodlala kwiConfede­ration Cup ngenxa yesipiliyo­ni sabo,”kusho uMokoena.

Uthe abayisabi inselelo yokuyodlal­a kwiConfede­ration Cup.

“Awukwazi ukwesaba into ongayazi. Sizoya laphaya sibone ukuthi sihamba ibanga elingakana­ni. Into emqoka yisipiliyo­ni esizositho­la kwiCAF. Vele yinto eyaziwayo ukuthi amaqembu amaningi asuke edlala laphaya adonsa kanzima emidlalwen­i yeligi kodwa kumele sizame ukuqhamuka namaqhinga azosenza ukuthi singalinge singene ogibeni olufanayo,” kusho uMokoena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa