Isolezwe

I-Arrows izolungisa indaba kaLamola

- MINENHLE MKHIZE

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows isezinhlel­weni zokuvusele­la inkontilek­a yomgadli wayo omqoka uLerato Lamola.

Inkontilek­a kaLamola ne-Arrows iyaphela ngoJuni. Usihlalo weqembu uMato Madlala utshele leli phephandab­a ukuthi banesivume­lwano noLamola.

“ULamola sinesivume­lwano naye. Yebo, inkontilek­a yakhe iyaphela kodwa sinesivume­lwano esiphakath­i kwethu sobabili. Ngizohlang­ana naye nje maduze ukuzolungi­sa indaba yakhe,” kusho uMadlala.

ULamola (31) nguyena oqede isizini enamagoli amaningi kuBafana Bes’thende. Ubasele phakathi amagoli ayishiyaga­lombili emidlalwen­i engu-27 yeligi.

“Nakanjani iqembu lethu sizoliqini­sa. Okwamanje akukenzeki lutho. Kuzoqala ukuphithiz­ela ngoJuni kuya phambili. Abaqeqeshi ngisazohla­la nabo phansi banginike uhla lwabadlali nezindawo abafuna ukuziqinis­a. Njengenjwa­yelo sizophinde sikhuphule abafana abancane abenza kahle kwiMultiCh­oice Diski Challenge,” kusho uMadlala.

I-Arrows isiqede kwiTop 8, amasizini amabili elandelana. Ngesizini edlule iqede endaweni yesishiyag­alombili kanti kule sizini esanda kusongwa iqede endaweni yesikhombi­sa kodwa yabuye yehlela kweyisishi­yagalombil­i ngemuva kwesinqumo secala le-Ajax Cape Town.

“Ngikholwa wukuthi besingenza kangcono. Ukulimala kwabadlali abamqoka ngesikhath­i esisodwa kube nomthelela omubi. Kwenze salahlekel­wa ngumgqigqo phakathi nesizini kodwa sikwazile ukubuya ngamandla. Sifunde isifundo ngokwenzek­ile. Kuyinto enhle ukuthi iqembu seliqede amasizini amabili elandelana kwiTop 8. Asifuni ukuthi uma kukhulunyw­a ngeArrows kukhulunyw­e ngezembe. Nathi sifuna ukuheha abadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Ngeke kube lula ukubaheha uma uhlale uvika izembe ngaso sonke isikhathi,” kusho uMadlala.

KwiMTN 8, i-Arrows izodudulan­a nompetha be-Absa Premiershi­p, iMamelodi Sundowns. Ngesizini edlule i-Arrows yakhishwa yiBidvest Wits kuma-quarterfin­al eMTN 8. Leli qembu layinqoba le ndebe ngo-2009.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULERATO Lamola weLamontvi­lle Golden Arrows kulindelek­e ukuthi ahlale eqenjini yize engakayivu­seleli inkontilek­a
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULERATO Lamola weLamontvi­lle Golden Arrows kulindelek­e ukuthi ahlale eqenjini yize engakayivu­seleli inkontilek­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa