Isolezwe

UZongo ubalwa nabadliwe yizembe kwi-Eagles

- MINENHLE MKHIZE

KUXOSHWE isilomo somdlali odume ngokuthand­a amabhodlel­a aluhlaza, uMasibusan­e “Zizou” Zongo obegijima kwiRoyal Eagles.

Isolezwe lithole lezi zindaba ngoJames “Matatazela” Dlamini oyimenenja yeqembu.

“UZongo ungomunye wabadlali beqembu abangeke baze babuye. Inkontilek­a yakhe iphelile iqembu lathatha isinqumo sokuthi ngeke liyivusele­le. Simfisela inhlanhla lapho eya khona. Abanye abadlali izinkontil­eka zabo ezingazang­e zivuselelw­e nguMpho Mvelase, Thabo Mokgothu, Sandile Kubheka noMame Niang,”kusho uDlamini.

UZongo (28) uzakhele igama ngokudlala ibhola elineNkosi phakathi kodwa wekuhlulwa wukuziphat­ha. Usezanywe kaningi ngemuva kokwenza amaphutha. Uqale ukugqama kwiSuperSp­ort United.

Kuleli qembu wagcina ekhululiwe ngenxa yakho ukuhluleka wukuziphat­ha. Phakathi kwamaqembu aseke wayibamba kuwo kukhona iVasco Da Gama, Chippa United, Platinum Stars noMthatha Bucks.

Uke wayibamba nasemaqenj­ini esizwe akuleli amancane.

Ubuyele kwi-Eagles phakathi nesizini kwazise uke waboshwa esolwa ngokudlwen­gulwa kodwa waphuma phambili bungekho ubufakazi. Izikhulu ze-Eagles zikhombise uzwelo ngoba yizona ezimkhiphe ejele zaphinde zamnika elinye ithuba.

Emidlalwen­i eminingi ubengena esuka ebhentshin­i. “UMame Niang usisizile kakhulu kodwa ibhola esilidlala­yo alihambisa­ni nesitayela sakhe. Yingakho sibone ukuthi singayivus­eleli inkontilek­a. UPhilani Cele siyivusele­le inkontilek­a yakhe,” kusho uDlamini. UBafana Nhlapho nguyena osezocija onozinti kwiEagles ngesizini ezayo. Iqembu lisathunga­tha iphini likaRoger Sikhakhane opheka iqembu.

I-Eagles ibivika izembe ngesizini edlule. Kusize ukufika kukaSikhak­hane owenze ushintsho ngokushesh­a.

Kubhekwe ukuthi ibuye ngamandla ngesizini ezayo kulandela ukushaya udaka ngesizini edlule.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMASIBUSAN­E Zongo ogcine ukubonakal­a kwiRoyal Eagles ngeke esabuyela eqenjini njengoba lingayivus­elelanga inkontilek­a yakhe
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMASIBUSAN­E Zongo ogcine ukubonakal­a kwiRoyal Eagles ngeke esabuyela eqenjini njengoba lingayivus­elelanga inkontilek­a yakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa