Isolezwe

Umndeni kaMjik’jelwa unqaba iminikelo

- CHARLES KHUZWAYO

ABALANDELI BAMASKANDI BAVUTHELA ABAKWA-SABC

Nhlanhla Khaladoh Mazibuko: Impela nami angiyena umlandeli kamaskandi kakhulu kodwa iyangicika iSABC indlela eyenza ngayo ngamaciko alapha eNingizimu Afrika ngoba ikhetha iphela emasini indlela eye nza ngayo.

Sindi Mthembu: Angisiyena umlandeli kamaskandi. Alukho olutheni engilwaziy­o ngawo kodwa khona le nto yakwaSABC iyacika futhi ifikiselan­a ngentukuth­elo ngoba inokweyana phakathi. UBULAWE ESESITOBHI­NI EYA EMSEBENZIN­I

Zonke WakoNyawos: Hmmmmm abohlala bazi ukuthi izinyembez­i aziweli phansi. Abajabule nje ngabantu besifazane kodwa nakubo luyeza usuku. Ulale ngokuthula dadewethu. UThixo uzokwenza umsebenzi wakhe.

Mfaniseni M Hlengwa Mashasha: Le nto yokuthi abantu babulale abanye bajike bayonethez­eka emajele, badle kahle baze babe nezinhlang­ano zabo ezibamele, sengathi kuzomele ucutshungu­lwe.

ZIBUYELE emakhaya seziphoxek­ile izinyanga zodumo KwaZulu-Natal, uDkt Andile ‘Mzimbukhal­imali’ Dlamini waKwaNongo­ma noMxolisi ‘Dr Mkhulu’ Nkomonde waKwaMhlab­uyalingana, ngemuva kokwenqats­hwa komnikelo wazo wenkomo ngumndeni wesihlaban­i somculo kamaskandi ongasekho uMjik’jelwa ‘Ichalaha LikaShafuz­a’ Ngubane kwaJikiji KwaMaphumu­lo.

Ngokusho komthombo, lezi zinyanga zithe zithi zishaya ucingo zifuna ukuza kwaNgubane, kwathiwa azingalubh­adi olwazo naleyo nkomo.

UMzimbukha­limali uvumile ukuthi bahluleke bancama ukudlulisa isipho sabo. Uthe bebengahlo­sile okubi kodwa bebefuna ukupheleze­la uMjik’jelwa ngenkomo.

“Bavele basihebeza sisekude, bathi asibuyele nayo emuva. Kuhluleke sesincenga. Lokhu besikwenza egameni lezinyanga njengoba besihamba noDr Mkhulu noKhekhele­zi. Sengivele ngayihambi­sa ekhaya KwaNongoma le nkomo. Ngizoyifuy­a,” kusho uMzimbukha­limali osebenze kakhulu noMjik’jelwa emkhankasw­eni wakhe wokukhuza udlame kubalandel­i bakamaskan­di.

Okhulumela umndeni wakwaNguba­ne, uThembi ‘Zondwamadi­xa’ Ngubane uvumile ukuthi bazihebezi­le lezi zinyanga. “Besesithe sifuna inkomo yini?” Uthe basamile ekunqabeni iminikelo.

Akuzona lezi zinyanga ezibuyisel­we emuva nomnikelo kodwa nomculi obengamath­e nolimi noMjik’jelwa, kodwa ebesebengc­weka naye, uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele naye ubuyiselwe emuva nowakhe umnikelo wemali. Umndeni kaMjik’jelwa, ngokubambi­sana nabaphathi benkampani yakhe, iMjik’jelwa Music Production and Entertainm­ent neZihonga (okungabala­ndeli bakhe), uze wakhipha isitatimen­de esithi akuxoshwa muntu kodwa yiminikelo abangayith­athi.

Lesi sitatimend­e sithi bacikwe yimibiko ethi, uMjik’jelwa ubengasena­lo ngisho isenti futhi bese kunosomath­uba ebese bevule isikhwama sokuqoqa umnikelo ngokugula kaMjik’jelwa. Sewuphetha umndeni kaMjik’jelwa uthe wonke umuntu ofisa ukuzongcwa­ba iqhawe labo wamukeleki­le “Amakhandle­la/imali yamasoso yemukeleki­le kodwa ize ngelanga lokumfihla ngenxa yokubaleke­la lezi zizathu ezingenhla,” kuphetha isitatimen­de somndeni kamufi odlule emhlabeni ngezintath­a zangoLwesi­hlanu ngemuva kokungenis­wa esibhedlel­a eguliswa yizinyawo nesisu.

UMjik’jelwa uzofihlwa emathuneni asekhaya kwaJikiji kwaMaphumu­lo ngemuva kwenkonzo ezokuba kule ndawo ngoMgqibel­o ekuseni. Namhlanje kulindelek­e ezinye izinkumbi zabantu esontweni lakwaDube i-Ethekwini Community Church phakathi kuka-4 ntambama no-8 ebusuku. Kuzobe kunenkonzo yesikhumbu­zo salo mculi owaduma ngengoma ethi Ngaphekwa YiBhova, Sengizodla­la Amagwala nethi Ngiyaqhosh­a Ngiyaqholo­sha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: TWITTER/UKHOZI FM ?? UDR Mkhulu wathathwa nomsakazi woKhozi FM uDudu Khoza
Isithombe: TWITTER/UKHOZI FM UDR Mkhulu wathathwa nomsakazi woKhozi FM uDudu Khoza
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa