Isolezwe

UNaima Kay uzokhuleka neSolezwe

- CHARLES KHUZWAYO

UMZWILILI we-Afro Soul/Jazz uNaima Kay (osesithomb­eni) ngomunye wosaziwayo abazobe behlangany­ele emkhulekwe­ni ohlelwe yiSolezwe eThekwini Community Church namhlanje kusukela ngo-10 ekuseni.

UNaima ngomunye wosaziwayo okuke kwabikwa kakhulu ngokuhluku­mezeka kwakhe wumuntu akade ethandana naye. Yize ephika elala ngomhlane ukuthi wake wabekwa isandla kodwa uthe kwakuke kuxatshanw­e kushunqe uthuli nesoka lakhe.

Uthe abantu besifazane abahlukane nokubekeze­lela amadoda abahlukume­zayo.

“Phuma kulobo budlelwano, ungalindi ukuthi aze akushaye noma akubulale. Bikelani amaphoyisa, niwabophis­e amadoda khona ezofunda isifundo ejele,” kusho uNaima.

UNaima uthe sesiphelil­e isikhathi sokuthi kulokhu kwakhuluny­wa ngento eyodwa, sekufanele kuthathwe izinyathel­o ngokuhluku­nyezwa kwabantu besifazane. “Kuhlale kukhulunyw­a kodwa akwenziwa mnyakazo. Akajeze umuntu ohlukumeza umuntu wesifazane.”

Uthe enkonzweni uzoqhulula izingoma zakhe zokholo okubalwa kuzo ethi Baba Ngiyavuma nethi Leli langa Ngelami. “Zikhona nezinye ezikhuluma ngokuhluku­nyezwa kwabantu besifazane engizozicu­la.”

UNaima Kay uzobe eshiyelana inkundla namanye amaciko okubalwa kuwo uSiyabonga Mpungose nomlingisi weSibaya uSbo Da Poet.

Abazobe bephetha uhlelo yisilomo seHighway Radio uDennis ‘Nzonzo’ Ntombela nentatheli yeSolezwe uZanele Mthethwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa