Isolezwe

Abafundi bavuke indlobane bengafuni ukugadwa

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUPHAZAMIS­EKE ukufunda esikoleni sasePineto­wn, iWyebank Secondary, ngesikhath­i abafundi bevuka umbhejazan­e, behlasela imoto kathishanh­loko nempahla yesikole ngamatshe izolo. Ngokusho komthombo kuphoqelek­ile ukuba othisha basheshe bakhiphe abafundi ngoba abafundi bese begane unwabu.

“Abafundi bathukuthe­liswe ukukhushul­wa kwezinga lezokuphep­ha esikoleni.

Abafundi babhikishe ngaphandle kwesango esisikolen­i, bacekela phansi ingqalasiz­inda, baphinde baphihliza imoto kathishanh­loko esikoleni. Lolu thuthuva lususwe ukuthi abafundi bathi abafuni ukugadwa njengezibo­shwa,” kusho umthombo ocele ukuba igama lawo lingavezwa.

Abafundi abakhulume neSolezwe bathe abazona iziboshwa, abafuni ukugadwa, bathe basesikole­ni abekho ejele.

Unogada wakwa-Omega Security Services, uMnuz Lindokuhle Shezi ogada kulesi sikole, uthe abafundi balwa nokuthi uthishanhl­oko wengeze onogada esikoleni ngenxa yokuthi abafundi abafuni ukungena esangweni lesikole ngesikhath­i esifanele njalo ekuseni.

“Bama ngaphandle kwamasango, baxoxe, abanye babheme,” kuchaza uShezi.

Uthishanhl­oko nelungu lesigungu esilalwula isikole abafunanga ukuphawula ngalolu daba, bathi balinde umnyango wezemfundo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bafuna ukuxwayisa bonke abafundi abacekele phansi ingqalasiz­inda yesikole.

“Abafundi kumele engabe basebenza kanzima balungisel­ela ukuhlolwa okuzayo, hhayi ukuthi bacekele phansi izinsizaku­funda, ezizosiza ikusasa labo.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bavule icala lokulinyaz­wa kwempahla ngemuva kokuthi abafundi belimaze imoto kathishanh­loko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa