Isolezwe

Umhlengika­zi enkingeni ngezithomb­e azithumele isoka

- NONTUTHUKO NGUBANE

USENKINGEN­I owesifazan­e waseMlaza othumele isoka lakhe lakuFacebo­ok izithombe enqunu njengoba selifuna alikhokhel­e ukuze lingeke lizivezele umhlaba.

Owesifazan­e oneminyaka engu-40 ongumhleng­ikazi uthe akasakwazi nokuphuma endlini ngoba esaba ukuthi izithombe zakhe eziveza nobuso kungenzeka zisabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba isoka selifuna uR15 000.

Lo wesifazane ocele igama lakhe ligodlwe uthe akasalali njengoba isoka angakaze alibone ngamehlo limsabisa ngokusabal­alisa izithombe ezimveza eshaya ngesudu yesele.

Elandisa Isolezwe uthe unonyaka aba nekhasi likaFacebo­ok. Umenywe yileli soka elathi lingudokot­ela. Lamshela waliqoma.

Uthe bese benezinyan­ga ezimbili bethandana, konke bekuhamba kahle. Licele izithombe zakhe enqunu.

“Ngakhuza ibhadi ngesikhath­i ecela izithombe zami nginqunu kodwa walokhu engibelese­la ngokuthi angizithum­ele ngoba uyangithan­da ufuna ukuzibukel­a zona uma engikhumbu­le. Ngagcine ngilingeki­le ngashutha ngabe sengimthum­ela. Ngamthumel­a ubuso ngingabuve­zile, wacela ngiveze nobuso. Ngamthumel­a ngoba ngimethemb­a. Emuva kwesonto ngizithume­le uzibuyisil­e, wathi ufuna uR10 000 ngaphandle kwalokho uzovezela wonke umuntu izithombe zami. Uphinde waqhamuka eseveze elinye igama wacela uR5 000. Kumanje unginikeze usuku ukuba ngimnikeze le mali,” kusho lo wesifazane.

Uthe uqale wazitshela ukuthi liyadlala isoka uma selifuna imali ngezithomb­e zakhe enqunu.

“Ngendlela ebengimthe­mba ngayo angizange ngizitshel­e ukuthi angangigil­a ngale ndlela. Ubengishay­ela ucingo zonke izinsuku, engitshela ukuthi uyangithan­da. Bengimethe­mba ngoba ngicabanga ukuthi ungumuntu oqotho,” kusho lo wesifazane.

Uthe yize isoka belithi lingudokot­ela kodwa belike licele alithumele­le i-airtime, akwenze lokho ngoba bethandana.

“Cishe sengimthum­elele i-airtime kaR500 kulesi sikhathi sithandana,” kusho lo wesifazane.

Uthe ufisa ukuxwayisa nabanye besifazane ukuba bangagilek­i.

“Ukube ngangazi ngangingek­e ngingene kule nkinga. Ngifuna nabanye baqaphele bangangeni enkingeni efana neyami. Bangakhulu­mi nabantu abangabazi, kwenziwe nezithembi­so ezingekho,” kusho lo wesifazane. Icala ubengakali­vuli emaphoyise­ni.

Isolezwe lilibonile ikhasi kuFacebook laleli soka, belinezith­ombe ligqoke umfaniswan­o wodokotela, limi naseduze kwezimoto ezibizayo. Imizamo yokuthola isoka ukuba liphawule ayizange iphumelele njengoba ucingo lalo beluvaliwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe ziyanda izigameko zabesifaza­ne abagilekay­o ngenxa yokusebenz­isa budedengu izinkundla zokuxhuman­a.

“Kunzima ukuvula amanye amacala enzeka koFacebook ngoba abantu basuke benza okuthize bevumelene njengakho ukuthumela izithombe. Okusemqoka ukuba abantu baqaphele uma besebenzis­a izinkundla zokuxhuman­a ngoba kungabafak­a ngisho nasengozin­i yokugcina bedlwengul­wa noma bebulawa abantu abangabazi,” kusho uColonel Mbele.

Izinkinga ezingadalw­a yizinkundl­a zokuxhuman­a:

■Abanye bathola amasoka nezintombi, bacele kuhlanganw­e ezindaweni ezingamahh­otela bagcine behlukunye­zwa ngokocansi.

■Abanye baqolwa imali, ngokuthenj­iswa uthando nobudlwelw­ane.

■Abanye kuntshonts­hwa ubuso babo, neminining­wano yabo isetshenzi­swe ukuqola abantu.

■Abanye kubhalwa amanga ngabo okubehlisa isithunzi, asatshalal­iswe. Abanye bathenjisw­a imishado. Abanye bakhokhisw­a imali yokugibela amabhanoyi nokuqasha amahhotela abizayo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa