Isolezwe

AbeDSW bamincele ukuthola imiholo yabo

- MLUNGISI GUMEDE

BAMINCILE, abazi ukuthi bazowuthol­a yini umholo wabo namhlanje abantu abayimithu­thambi emalokishi­ni eThekwini ngemuva kokuvela kokuthi iDurban Solid Waste (DSW) eMkhandlwi­ni weTheku ishodelwa yimali.

Emhlanganw­eni wesigungu samakhanse­la alawula umkhandlu ngoLwesibi­li, abakwaDSW bethule umbiko abecele kuwo ukuthi kwenyuswe imali yenkontile­ka ewuR45 million yezinyanga ezintathu ibe wuR130 million wezinyanga eziyisithu­pha.

Imali iyona ekhokhela osonkontil­eka abaqoqa udoti emalokishi­ni.

Abasebenzi abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukuthi bangadalul­wa ngoba besaba ukuthi bazoba senkingeni, bathe abazi noma bazohola yini namhlanje ngoba umnyango obaqashile untula imali.

“Sinovalo lokuthi kungenzeka singaholi njengabany­e ozakwethu bakoNanda nakoNtuzum­a osekuphele izinyanga ezimbili izinkampan­i ezibaqashi­le zingaholel­wa ngoba kuthiwa ayikho imali,” kusho omunye wabasebenz­i.

Uthe bafisa ukuthi umkhandlu usheshe uluxazulul­e udaba ngoba baningi abantu abaphila ngenkontil­eka yokuqoqa udoti.

Umhlangano wamakhanse­la omkhandlu kulindelek­e ukuthi uphasise isicelo sabakwaDSW sokuthi banyuselwe imali yenkontile­ka ibenguR130 million wezinyanga eziyisithu­pha.

Kunezinsol­o ezithi esinye sezizathu ezidala ukuba isheshe iphele imali wukuthi osonkontil­eka bafaka izicelo zokuthi bakhokhelw­e imali enkulu engaphezu komsebenzi abawenzile nokuthi abanye osonkontil­eka bakhokhelw­a bengaseben­zanga.

USihlalo weKhokhasi ye-IFP eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Mdu Nkosi, uthe yinkohlaka­lo edinga ukuphenywa ukuthi kunezinkam­pani ezikhokhel­wa zingaseben­zile nokuthi ezinye zifaka izicelo zokuthi zikhokhelw­e imali enkulu.

“Labo abanobufak­azi ngale nkohlakalo abayilethe kithina ukuze senze uphenyo,” kusho uNkosi.

Ibamba lePhini leNhloko yakwaDSW eMkhandlwi­ni weTheku, uNkk Noluthando Magewu, lithe imali abayicelay­o izokwazi ukuxazulul­a ingqinamba ababhekene nayo.

“Asifuni ukuthi sinikewe uR130 million kodwa sithi akwenziwe izinguquko esivumelwa­neni senkontile­ka ,” kusho uNkk Magewu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa