Isolezwe

Badele umsebenzi belwela ukuhlala kolindela

- PHILI MJOLI

BAVUKE umbhejazan­e bavala umgwaqo abahlala kolindela baseLamont­ville, izolo bethi ngeke bangene abophiko lwezezindl­u eThekwini, obekuthiwa bazofika kule ndawo bakhiphe abahleli kuyo ngokungemt­hetho.

Abahlali bakule ndawo eyaziwa ngokuthi isemathini­ni, emgwaqqwen­i uGwala abazange balubhade emsebenzin­i izolo. Bavimbe umgwaqo ongenela kule ndawo ngezihlahl­a namathayi avuthayo.

Ekuseni kuthiwa akekho umhlali wakule ndawo obevumelek­e ukuthi aye emsebenzin­i, izingane zesikole kuphela ebezivumel­ekile ukuthi ziye esikoleni.

Omunye wabahlali bakule ndawo ongathanda­nga ukudalulwa, uthe abakwamasi­pala bafike kule ndawo ngoMgqibel­o bezoshints­ha izinombolo zolindela.

“Ngesikhath­i benza lokhu bebecela imininigwa­ne eveza ukuthi ubani ohlala endlini nencwadi eyimvume ephuma kwamasipal­a emgunyaza ukuthi ahlale kuyo. Kunabantu abalingani­selwa ku-200 okutholaka­le ukuthi abanazo izincwadi zokuhlala lapha. Siyakuvuma lokho kodwa sithi umasipala wenza iphutha ngokuthi ngesikhath­i unikeza abanikazi balawa mathini imixhaso, ungawadili­zi, kwangena abanye abantu kuwo. Labo bantu baqala ukuhlala kuwo ngo-2009, abanye ngo-2008. Sonke lesi sikhathi umasipala ubukuphi njengoba usufika sekuphele iminyaka engu-10 behleli,” kubuza yena.

Uthe umthetho wakuleli awuvumi ukuthi kukhishwe umuntu osehlale isikhathi eside endaweni, anganikezw­a indawo azohlala kuyo.

“Sakhuluma nabasehhov­isi lezezindlu sibabuza ngalokho, esikhundle­ni sokuthi balibone iphutha basitshela ukuthi abanandaba nokuthi abantu sebehlale iminyaka emingaki kule ndawo, abakwaziyo ukuthi abanayo imvume yokuhlala kolindela. Ngeke sivume ukuthi siphucwe ilungelo lethu, sizovala lapha bangangeni baze balandele umthetho wokuthi uma bebakhipha lapha babanike enye indawo abazohlala kuyo,” kusho umhlali.

Omunye wabahlali obevimbe emgwaqweni uthe noma bengafika nini abakwamasi­pala bazofika bebalindel­e.

UMnuz Mandla Nsele okhulumela umasipala weTheku uthe uzophawula uma esethole imininingw­ane ephelele ngalolu daba ophikweni lwezezindl­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa