Isolezwe

Bakhala ngokunyuka kwemali yokugibela

- MLUNGISI GUMEDE

INHLANGANO yabakhokhi bentela eThekwini i-Active Citizens’ Movement (ACM) ishaya amakhala ngesinyath­elo soMkhandlu weTheku sokwenyusa imali yokugibela amabhasi ngo-8% kusukela kusasa.

USihlalo we-ACM eKZN, uMnuz Ben Madokwe, uthe leli phesenti umkhandlu onyusa ngalo imali likhulu, lizokwenza ukuthi abagibeli badonse kanzima kakhulu.

“Amabhasi awabantu abahluphek­ayo hhayi abanemali, uma sekunyuswa imali kangaka, abantu bazoyithat­haphi?” kubuza uMadokwe.

Uthe esinye isizathu esenza ukuthi bangahambi­sani nokwenyusw­a kwale mali ukuthi umsebenzi wenkampani yamabhasi awujabulis­i.

“Uma uyikhasime­nde uye ufune ukuthi ukhokhele into ekujabulis­ayo kodwa abagibeli abaneme ngendlela amabhasi omkhandlu asebenza ngayo,” kusho uMadokwe.

Uthe bahlale bethola izikhalo kuthiwa amabhasi awekho, kwezinye izikhathi kusuke kuthiwa athathe abantu abaye emibuthanw­eni yamaqembu ezombusazw­e.

Uthe ngesimo somnotho esikhona ezweni abantu ngeke bakwazi ukukhokhel­a amabhasi.

Uthe sisodwa isisombulu­lo, ukuthi umkhandlu uwathathe amabhasi uwabuyisel­e ngaphansi kwawo.

“Kunezinkin­ga eziningi njengoba amabhasi engekho ngaphansi komkhandlu kufakwana ezinkantol­o, siyanxusa uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube, ukuba angenelele kulolu daba,” kusho uMadokwe.

INhloko kuPhiko olubhekele­le ezokuThuth­a eMkhandlwi­ni weTheku, uMnuz Thami Manyathi emhlanganw­eni wemakhanse­la alawula umkhandlu, uthe benze lonke ucwaningo bebheka nokusebenz­a kwamabhasi base befinyelel­a esinqumeni sokuthi bayinyuse imali.

UManyathi uthe bayinyuse kancane imali uma beqhathani­sa nezinye izinkampan­i zamabhasi eziyinyuse ngo10%.

Uthe imali yezingane zesikole, abahola impesheni nabakhubaz­ekile ngeke inyuke.

USihlalo wekhokhasi yeDA eMkhandlwi­ni weTheku, uNksz Nicole Graham, uthe abahambisa­ni nokwenyusw­a kwemali yokugibela amabhasi.

USihlalo wekhokhasi ye-IFP emkhandlwi­ni, uMnuz Mdu Nkosi, naye uthe abahambisa­ni nombiko wokwenyusw­a kwemali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa