Isolezwe

Uyagonyulu­ka owashiswa esolwa

- PHILI MJOLI

USOLA umona ngempumele­lo yakhe umelaphi wendabuko waseSofaya, eNtshawini, owashaywa, washiswa umphakathi owawumsola ngokubulal­a ingane yakwamakhe­lwane wakhe ngokuyitha­katha.

UNkk Cynthia Mwandla odume ngokuthi uDingiliza kule ndawo uthe washaywa washiswa ngophethro­li umphakathi owawufuna ukuthi adalule ukuthi uyenzeni ingane yakwamakhe­lwane ayezivumel­e yena ukuthi uyibulele.

Kulesi sigameko esenzeka ngoMashi kwashiswa umuzi, izimoto nesitolo esisegceke­ni kukaNkk Mwandla.

UNkk Mwandla utshele izintathel­i esithangam­ini sabezindab­a ebesisesit­eshini samaphoyis­a, eStanger, izolo ukuthi wavuma ukuthi uyibulele ingane kodwa lokho wayekwenza ngoba ezama ukuzipheph­isa.

“Bangilayit­ha okokuqala, kwathi sengivutha, kwanetha imvula enkulu ngacisha, baphinda okwesibili bangithela ngophethro­li bangishisa, uyise womfana owashona (uMnuz Jeffrey Mhlongo), wangicisha, wathi abangangib­ulali ngingakash­o ukuthi ingane ikuphi. Okwesithat­hu baphinde bangokhela futhi ngase ngiyavuma ukuthi ngiyibulel­e ingane, bathi sebengicis­hile ngabatshel­a ukuthi angiyazi le nto engiyivuma­yo, ngicela bangiyeke,” kusho yena.

Uthe ukushintsh­a umuzi wakhe awuphendul­e isitolo esikhulu yikhona okumdalele amazinyo abushelele­zi, ingxenye yalo muzi uthe ubeseqalil­e ukuqashisa ngayo okudine abanye abantu bakule ndawo.

Uthe omunye wabasolwa obhekene necala lokuzama ukumbulala wamsongela ngokuthi njengoba enqaba ukuqashise­la umngani wakhe isitolo, uzombulala kanye nezingane zakhe.

Njengoba esephumile esibhedlel­a uthe ngeke esabuyela kuwo kodwa usazoqhube­ka nezinhlelo zakhe zokuwenza isitolo esikhulu, esiqashisa­yo.

Uthe akezwani nomakhelwa­ne wakhe onguyise kaSphamand­la Mthembu (13) okusolwa ukuthi wambulala, babanga ukuthi wantshonts­ha ikhompyuth­a yakhe, wethembisa ukuyikhokh­a wangabe esakwenza lokho.

Uqhube wathi wawabikela amaphoyisa ngalokhu wavumelana nomakhelwa­ne ukuthi angambophi.

“Ngemuva kwaleso sigameko asiphindan­ga sabhekana kodwa izingane zethu beziqhubek­a nokuba ngabangani.

“Lesi sigameko singizwise ubuhlungu ngibizwa ngomthakat­hi ekubeni ngingakaze ngithakath­e muntu, mina ngingumela­phi, anginawo amandla okuthatha umphefumul­o womuntu. Ngihlale izinyanga ezimbili esibhedlel­a, ngelashwa amanxeba okusha,” kusho yena.

Kulesi sigameko kwaboshwa uMnuz Nkululeko Makhathini (38) noMnuz Mthobisi Sibisi (25). Bobabili babhekene necala lokuzama ukubulala nelokushis­a umuzi kaNkk Mwandla. Bavela enkantolo yematshi yaKwaDukuz­a, badedelwa ngebheyili kaR4 000 umuntu emunye.

Icala labo lahlehlise­lwa isikhathi esingaziwa, ukuze amaphoyisa enze uphenyo.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UNKK Cynthia Mwandla owayeshisi­we amalungu omphakathi waseStange­r okholelwa ukuthi uyathakath­a
Isithombe: ZANELE ZULU UNKK Cynthia Mwandla owayeshisi­we amalungu omphakathi waseStange­r okholelwa ukuthi uyathakath­a
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa