Uyagonyuluka owashiswa esolwa
USOLA umona ngempumelelo yakhe umelaphi wendabuko waseSofaya, eNtshawini, owashaywa, washiswa umphakathi owawumsola ngokubulala ingane yakwamakhelwane wakhe ngokuyithakatha.
UNkk Cynthia Mwandla odume ngokuthi uDingiliza kule ndawo uthe washaywa washiswa ngophethroli umphakathi owawufuna ukuthi adalule ukuthi uyenzeni ingane yakwamakhelwane ayezivumele yena ukuthi uyibulele.
Kulesi sigameko esenzeka ngoMashi kwashiswa umuzi, izimoto nesitolo esisegcekeni kukaNkk Mwandla.
UNkk Mwandla utshele izintatheli esithangamini sabezindaba ebesisesiteshini samaphoyisa, eStanger, izolo ukuthi wavuma ukuthi uyibulele ingane kodwa lokho wayekwenza ngoba ezama ukuziphephisa.
“Bangilayitha okokuqala, kwathi sengivutha, kwanetha imvula enkulu ngacisha, baphinda okwesibili bangithela ngophethroli bangishisa, uyise womfana owashona (uMnuz Jeffrey Mhlongo), wangicisha, wathi abangangibulali ngingakasho ukuthi ingane ikuphi. Okwesithathu baphinde bangokhela futhi ngase ngiyavuma ukuthi ngiyibulele ingane, bathi sebengicishile ngabatshela ukuthi angiyazi le nto engiyivumayo, ngicela bangiyeke,” kusho yena.
Uthe ukushintsha umuzi wakhe awuphendule isitolo esikhulu yikhona okumdalele amazinyo abushelelezi, ingxenye yalo muzi uthe ubeseqalile ukuqashisa ngayo okudine abanye abantu bakule ndawo.
Uthe omunye wabasolwa obhekene necala lokuzama ukumbulala wamsongela ngokuthi njengoba enqaba ukuqashisela umngani wakhe isitolo, uzombulala kanye nezingane zakhe.
Njengoba esephumile esibhedlela uthe ngeke esabuyela kuwo kodwa usazoqhubeka nezinhlelo zakhe zokuwenza isitolo esikhulu, esiqashisayo.
Uthe akezwani nomakhelwane wakhe onguyise kaSphamandla Mthembu (13) okusolwa ukuthi wambulala, babanga ukuthi wantshontsha ikhompyutha yakhe, wethembisa ukuyikhokha wangabe esakwenza lokho.
Uqhube wathi wawabikela amaphoyisa ngalokhu wavumelana nomakhelwane ukuthi angambophi.
“Ngemuva kwaleso sigameko asiphindanga sabhekana kodwa izingane zethu beziqhubeka nokuba ngabangani.
“Lesi sigameko singizwise ubuhlungu ngibizwa ngomthakathi ekubeni ngingakaze ngithakathe muntu, mina ngingumelaphi, anginawo amandla okuthatha umphefumulo womuntu. Ngihlale izinyanga ezimbili esibhedlela, ngelashwa amanxeba okusha,” kusho yena.
Kulesi sigameko kwaboshwa uMnuz Nkululeko Makhathini (38) noMnuz Mthobisi Sibisi (25). Bobabili babhekene necala lokuzama ukubulala nelokushisa umuzi kaNkk Mwandla. Bavela enkantolo yematshi yaKwaDukuza, badedelwa ngebheyili kaR4 000 umuntu emunye.
Icala labo lahlehliselwa isikhathi esingaziwa, ukuze amaphoyisa enze uphenyo.