Isolezwe

Kufunwa indodakazi okuthiwa idlwenguli­we

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE umndeni wentombaza­ne (14) yaseManguz­i ebalekile ekhaya ngemuva kokuboshwa kukayisemk­hulu osolwa ngokuyidlw­engula.

Umkhulu (58) kade evelile enkantolo yaseManguz­i ngoMsombul­uko ngecala lokudlweng­ula umzukulu wakhe, icala lahlehlise­lwa uJuni 4.

Unina wangane ehlukumeze­kile, izolo kade ekhuluma neSolezwe uthe osekubakha­thaza kakhulu ukuthi akaziwa umgilwa ukuthi ubaleke waya kuphi.

“Uboshwe ngoLwesihl­anu emuva kokuvela ukuthi ubehlala ngokudlwen­gula indodakazi yami. Ugcine ukuyidlwen­gula ngoMeyi 23 kade iphuma esikoleni iyolanda izincwadi kumngani wayo. Icala livuliwe. Sibe sesinikezw­a imishanguz­o esibhedlel­a ukuba ayisebenzi­se.

NgoLwesibi­li ngamvusa ukuze ngimphuzis­e, waphuma engumuntu oya endlini encane, asikaze size simbone. Nasezihlot­sheni akekho. Namhlanje uLwesithat­hu, asimazi ukuthi ukuphi. Sikhathaze­kile kakhulu ngokuduka kwakhe,” kusho unina.

Umsolwa kuthiwa ubejwayele ukubiza umgilwa ukuba azomsiza ngezinto ezehlukene zasendlini.

Phambilini uthe indodakazi yakhe yake yaveza ukuthi umkhulu wayo uyiqabule esihlathin­i wathi uyayithand­a.

“Ngabiza amaphoyisa emuva kokumhudul­a emgwaqweni, wamphoqa ukuba baye endlini wafika wamdlwengu­la. Indodakazi yabaleka yafika yasho konke okwenzekil­e. Ngiphathek­e kabi ngoba bengimethe­mba njengomunt­u ofana nobaba kimina nomkhulu enganeni yami,” kusho unina wentombaza­ne.

Uthe njalo uma ehamba nendodakaz­i yakhe umsolwa ubejwayele ukubapha imali athi eyomzukulu azothenga ngayo isiphuzo. Uthe lo mkhuba ucabanga ukuthi ubegqiba ngawo indodakazi yakhe ukuba ingabiki ukuthi ubeyihluku­meza.

Unina wentombaza­ne uthe basayithun­gatha indodakazi namaphoyis­a bawabikele yize icala lokulahlek­a kwayo bengakaliv­uli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe baphenya icala lokudlweng­ula.

“Umsolwa (58) uboshwe ngecala lokudlweng­ula ingane eneminyaka ewu-14 eManguzi. Uphenyo lusaqhubek­a,” kusho uCaptain Gwala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa