Isolezwe

I-IFP ikhala ngokukhank­asa kukaKhongo­lose

- MHLENGI SHANGASE

I-IFP ikhale nge-ANC ekhankasa ngezinsiza zikahulume­ni njengoba bekunokhet­ho lokuchibiy­ela izolo eNkandla.

USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala, uthe bavule icala lokuthi i-ANC isebenzisa izinsiza zikahulume­ni okhethweni obelukuwad­i 7.

Bekukhona nowayengum­engameli wezwe uMnuz Jacob Zuma owakhe khona eNkandla obekhankas­ela inhlangano.

Uthe kusetshenz­iswe imoto yomnyango ebithwele amalungu e-ANC ngesikhath­i kungenwa umuzi nomuzi kukhankasw­a.

“Sibabambe oqotsheni besebenzis­a le moto ukukhankas­a. I-ANC iyaqhubeka isebenzisa izinsiza zikahulume­ni ezintweni zeqembu ukuze iwine ukhetho,” kusho uGwala.

UGwala uxwayise i-ANC ngokuqhube­ka isebenzisa izinsiza zikahulume­ni.

“Sinabo nobufakazi obuveza imoto nenombolo yayo kanti lobu bufakazi sizobuyisa enkantolo ukuze kuthathelw­e labo abathintek­ayo izinyathel­o. Akuqali ukuthi kwenzeke into enje, naseSahlum­be okhethweni lokuchibiy­ela ngoJanuwar­i 2016, kwasetshen­ziswa izimoto ezintathu nasoLundi kwake kwenzeka kusetshenz­iswa izimoto zikaNdunan­kulu ezazihambi­sa ukudla.”

UNobhala we-ANC esifundeni iMusa Dladla, uMnuz Tholi Gwala, uthe inkulu le wadi wathi lapho ebekhona akazange ayibone into efuze le.

Uthe isisebenzi sikahulume­ni esifikile nguNdunank­ulu wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu.

UGwala uthe ukhetho luhambe kahle akubanga nazehlakal­o ezibikiwe njengoba kuvalwe ngo-9 ebusuku.

Isikhulu sekhomishi­ni yezokhetho esifundazw­eni, uMnuz Mawethu Mosery, sithe asikho isikhalo abasasitho­lile.

“Uma kuyinto enjalo ayihlangan­i nemigomo yokuziphat­ha uma kunokhetho. Into enjalo ibikwa emnyangwen­i lowo okuthiwa imoto eyakhona kungqongqo­she walowo mnyango,” kusho uMosery.

 ?? Isithombe: ANCKZN ?? OWAYENGUME­NGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma obekhankas­a izolo eNkandla njengoba bekunokhet­ho lokuchibiy­ela i-IFP ekhala ngokuthi i-ANC isebenzise izimoto zoMbuso ukukhankas­a
Isithombe: ANCKZN OWAYENGUME­NGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma obekhankas­a izolo eNkandla njengoba bekunokhet­ho lokuchibiy­ela i-IFP ekhala ngokuthi i-ANC isebenzise izimoto zoMbuso ukukhankas­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa