Amalungu ePhalamende afuna kupeqululwe inkohlakalo
AMALUNGU ePhalamende anxuse uphiko olwenza ucwaningo nolwezomthetho ezindlini zombuso ukuba lupequlule yonke into uma seliphenya ngokulawulwa kombuso wuMnyango wezaseKhaya.
Lokhu kulandela ukuthi umcwaningi ekomitini loMnyango wezaseKhaya ekhiphe imininingwane emisha ngophenyo oluqhubekayo.
Lolu phiko kulindeleke ukuthi lubike ngokucwaningwa kwemininingwane yamalungu omndeni wakwaGupta okuvela ukuthi athola ubuzwe bakuleli ngo-2015.
Uphiko lubheka nezimvume zamaphepha okusebenza kwezisebenzi ze-AfroView ebeyaziwa nge-ANN7 nezinye izinkampani zalo mndeni.
Amalungu ePhalamende azwakalise ukungenami ngendlela izinto ezihamba ngayo.
USihlalo wekomiti, uMnuz Hlomane Chauke, uthe bebelinde umbiko mayelana nemininingwane eyanikwa uMnyango wezaseKhaya.
Uthe mningi umsebenzi okusamele wenziwe yilolu phiko.
Yize uMnuz Maesela Kekana we-ANC ewuncomile umsebenzi osuwenziwe kodwa uthe mningi okusamele wenziwe.
“Asifuni niqale lapho nithanda khona ukuphenya kumele nenze lokho esinitshela kona,” kusho uKekana.
Uphinde wanxusa amalungu ophiko ukuthi angavumi ukugwazelwa uma esesebenza.
“Ngikholwa wukuthi akekho umuntu ozothengwa uma sekuphenywa, ngiyazi ukuthi kunabantu abanemali abafuna kufihlwe izinto,” kusho uKekana.
UKekana ubekhuluma eqondise ophenyweni lwakwaEskom okwavela ukuthi obenguNgqongqoshe wezobuNhloli, uMnuz Bongani Bongo, wazama ukugwazela owayehola uphenyo u-Advocate Ntuthuzelo Vanana.
UNksz Hlengiwe Hlophe-Mkhaliphi we-EFF uthe asikho isizathu esingenza uMnyango wezaseKhaya ungayikhiphi imininingwane.