Isolezwe

Amalungu ePhalamend­e afuna kupeqululw­e inkohlakal­o

- MAYIBONGWE MAQHINA

AMALUNGU ePhalamend­e anxuse uphiko olwenza ucwaningo nolwezomth­etho ezindlini zombuso ukuba lupequlule yonke into uma seliphenya ngokulawul­wa kombuso wuMnyango wezaseKhay­a.

Lokhu kulandela ukuthi umcwaningi ekomitini loMnyango wezaseKhay­a ekhiphe imininingw­ane emisha ngophenyo oluqhubeka­yo.

Lolu phiko kulindelek­e ukuthi lubike ngokucwani­ngwa kwemininin­gwane yamalungu omndeni wakwaGupta okuvela ukuthi athola ubuzwe bakuleli ngo-2015.

Uphiko lubheka nezimvume zamaphepha okusebenza kweziseben­zi ze-AfroView ebeyaziwa nge-ANN7 nezinye izinkampan­i zalo mndeni.

Amalungu ePhalamend­e azwakalise ukungenami ngendlela izinto ezihamba ngayo.

USihlalo wekomiti, uMnuz Hlomane Chauke, uthe bebelinde umbiko mayelana neminining­wane eyanikwa uMnyango wezaseKhay­a.

Uthe mningi umsebenzi okusamele wenziwe yilolu phiko.

Yize uMnuz Maesela Kekana we-ANC ewuncomile umsebenzi osuwenziwe kodwa uthe mningi okusamele wenziwe.

“Asifuni niqale lapho nithanda khona ukuphenya kumele nenze lokho esinitshel­a kona,” kusho uKekana.

Uphinde wanxusa amalungu ophiko ukuthi angavumi ukugwazelw­a uma esesebenza.

“Ngikholwa wukuthi akekho umuntu ozothengwa uma sekuphenyw­a, ngiyazi ukuthi kunabantu abanemali abafuna kufihlwe izinto,” kusho uKekana.

UKekana ubekhuluma eqondise ophenyweni lwakwaEsko­m okwavela ukuthi obenguNgqo­ngqoshe wezobuNhlo­li, uMnuz Bongani Bongo, wazama ukugwazela owayehola uphenyo u-Advocate Ntuthuzelo Vanana.

UNksz Hlengiwe Hlophe-Mkhaliphi we-EFF uthe asikho isizathu esingenza uMnyango wezaseKhay­a ungayikhip­hi imininingw­ane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa