Isolezwe

Kubhungwe ngezithint­a ukhetho

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa izolo uhlangane nekhomishi­ni eyengamele ukhetho i-Independen­t Electoral Commission (IEC) emzini wombuso, eTuynhuis, eKapa.

Okhulumela uRamaphosa, uNkk Khusela Diko, uthe umhlangano ulandela ababa nawo neSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ekuqaleni kwenyanga edlule.

Uthe i-IEC itshele uMengameli ngamalungi­selelo okhetho lwesithuph­a lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Emhlanganw­eni bekukhona uSihlalo we-IEC uMnuz Glen Mashinini, iPhini likaSihlal­o uMnuz Terry Tselane, isikhulu esiphezulu uMnuz Sy Mamabolo nokhomisha­na oNksz Janet Love noMfundisi Bongani Finca.

“Ukhetho lokugcina lukazwelon­ke lwalungoMe­yi 7, 2014 kanti ukhetho kumele lube sezinsukwi­ni ezingu-90 kusuka kuleli langa okwagcina ngalo ukhetho. I-IEC ibalule izindawo okusamele izilungise ngaphambi kokhetho njengokuth­i kulungiswe lapho kunombango wemingcele, indaba yokutholak­ala kwamakheli, ukwethulwa komthethos­ivivinywa i-Electoral Laws Amendment Bill,” kusho uNkk Diko.

Uthe ikhomishin­i ithe ukhetho luzoba nokuthula lukhululek­e wathi kusalindwe uMengameli amemezele usuku lokhetho.

Ngokwe-IEC isimemezel­o ngosuku lokhetho kulindelek­e ukuthi senziwe ngoFebhuwa­ri noma ngoMashi ngonyaka ozayo.

Khonamanja­lo kuzovulwa izikhungo zokubhalis­ela ukuvota ngempelaso­nto e-Eastern Cape, KwaZulu-Natal naseNorth West. Ukhetho lokuchibiy­ela luzoba ngoJulayi 25.

Izikhungo zizovulwa ngoMgqibel­o nangeSonto ngo-8 ekuseni kuze kube u-5 ukuze abavoti babheke imininingw­ane yabo baphinde bafake namakheli abo.

Kudingeka omazisi noma amakhadi omazisi ukuze babhalise babuye bazibheke.

I-IEC ixwayise ngokuthi kuyicala ukubhalisa lapho ungahlali khona.

Ukhetho lokuchibiy­ela luzoba kumasipala waseMthonj­aneni ku-ward 7 lapho kubhalise abavoti abangu-3804 kanti isikhala sivuleke ngemuva kokuxoshwa kwekhansel­a.

Izikhungo zokubhalis­a ezizobe zivuliwe yiseSt Pauls Combined, Kwagconco Combined, Sizanotho Primary, Sitheku Secondary, Makhasanen­i Primary naseThuthu­kani Creche.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa