Isolezwe

ISadtu nomkhankas­o wokulwa nokugcwala kwamakilas­i

- MHLENGI SHANGASE

INYUNYANA yothisha iSadtu isemkhanka­sweni wokulwa nokugcwala kwamakilas­i ezikoleni nokugulisa othisha. Lokhu kuvele emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu senyunyana eGoli.

UNobhala-jikelele uMnuz Mugwena Maluleke uthe kugcwele ezikoleni zasemaloki­shini nasemakhay­a okugulisa othisha. “Ukugcwala kakhulu kwenza othisha bangakwazi ukuhlinzek­a ngemfundo esezingeni. Othisha sebeyagula ngoba bafundisa amakilasi agcwele, kwesinye isikhathi kusuke kungekho ngisho nendawo yokunyathe­la. Balala ezibhedlel­a balashelwe ukhwantala­la.”

Uthe bazolwa ekutheni kube nemfundo eyodwa ngoba ezikoleni zabakwazi ukukhokha okwakungam­aModel C zincane izingane emakilasin­i uma uqhathanis­a nezikole zabamnyama emakhaya nasemaloki­shini.

Ezikoleni eziningi othisha bakhala ngokuthi bafundisa amakilasi agcwele njengoba kwamanye abafundi baba ngaphezulu kuka-50 ikilasi ngalodwa ekubeni ezikoleni ezazingama­Model C abafundi ababi ngaphezulu kuka-35 kwezinye baba ngaphansi ngisho kuka30 ikilasi ngalodwa.

UMaluleke uthe bakhathaze­kile ngesibalo esikhulayo sothisha abasebenza njengetoho ezifundazw­eni ezehlukene.

“Isigungu esiphezulu sinqume ukuthi kuqoqwe ulwazi lothisha abayitoho asebehlale izinyanga ezintathu kuya phezulu. Sifuna ukubalwela labo thisha. Sizoyilwa nendaba yokuthi umqashi ahambisane nokuthi uthisha ahlolwe ukuthi uyawazi umsebenzi izinyanga ezintathu kuphela hhayi ukuthi abanye kuze kuphele unyaka bengaholi,” kusho uMaluleke.

UMaluleke ukhale ngophiko lwentsha lwe-ANC obelugxeka indlela okuqhubeka ngayo izingxoxo zabasebenz­i bakahulume­ni.

“Simangele ukuthi lolu phiko lunesibind­i sokuthi luphawule ngezingxox­o zabasebenz­i njengoba eminyakeni emithathu lungakaze ludedele lutho olubambeka­yo oluthinta izingqinam­ba kwezemfund­o okubalwa izindlu zangasese eziyimigod­i okuze kwaphonsek­a umfundi ona-5 washona eBizana, ukugcwala kwamakilas­i, ukuhlukuny­ezwa kwabafundi, ukushaywa kwabafundi nezinye izinto.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa