Isolezwe

Kuvulwe isikole esavalwa abazali

- MHLENGI SHANGASE

SEKUBIZWE umhlangano ophuthumay­o esikoleni esike sabhekana nenkinga yokungafun­di e-Austervill­e Primary eWentworth.

Kuqalile ukufunda kulesi sikole ngoLwesibi­li ngemuva kokuthi ngeledlule kuphazamis­ekile, abazali bezwakalis­a ukukhathaz­eka ngokungakh­okhelwa kothisha abaqashwe yisigungu sabazali, izindlu zangasese ezingekho esimeni esifanele okwenza abafundi bagule.

Abazali bamisa ukufunda bekhala ngokuthi umnyango awenzi lutho ngezikhalo zabo.

Umzali okhulume neSolezwe kodwa wangathand­a ukudalulwa, uthe inkinga kuthiwa imali ayikho okwenza bangakhokh­elwa othisha.

Uthe emhlanganw­eni obukhona emasontwen­i ambalwa edlule kukhalwe ngokuthi u-80% wabafundi kabakhokhi­le ngakho isikole asinayo imali.

Abanye babazali bakhala ngendlela okusebenza ngayo imali njengoba besola inkohlakal­o befuna kwenziwe uphenyo ngokuseben­za kwezimali kulesi sikole.

“Sekubizwe umhlangano ngoMgqibel­o wokuzwakal­isa ukungabeth­embi ubuholi besigungu sabazali. Isigungu sishomene noMnyango wezeMfundo yingakho kunezinkin­ga. Sikhathaze­kile ngoba izingane ezilimalay­o uma kungafundw­a,” kusho umzali.

Kuthiwa abahlanza isikole bayekiswe maphakathi nale nyanga kukhalwa ngendaba yokushoda kwemali.

Amakilasi kuthiwa agcwele abafundi babalelwa ku-50 ekilasini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Sihle Mlotshwa, unxuse abazali ukuthi uma benezinkin­ga bangaphaza­misi ukufunda nokufundis­a.

Uthe umhloli wangenelel­a kulesi sikole wahlangana nabazali ngezinking­a.

“Sizothola umbiko ogcwele ngokwenzek­ayo njengoba umhloli ebekhona kanti into ethinta imali idinga isikhathi ukuze iphenywe,” kusho uMlotshwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa