Isolezwe

Abayizwa eyezihonga zosomabhiz­inisi

- MLUNGISI GUMEDE

I-SACP KwaZulu-Natal inxusa uhulumeni wesifundaz­we ukuba ungenelele uqede umkhuba odlangayo wosomabhiz­inisi abayizihon­ga abafuna ukunikwa amathenda ngenkani.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uNobhala weSACP esifundazw­eni, uMnuz Themba Mthembu uthe uMkhandlu weTheku nowaseMsun­duzi basezinkin­geni ngenxa yokuvumela ukulawulwa osomabhizi­nisi abafuna imisebenzi ngenkani.

UMthembu uthe emhlanganw­eni wabo kuvele isikhalo mayelana nokuphathw­a kukaMasipa­la weTheku nowaseMsun­duzi.

“Umhlangano wethu uvumelane ngokuthi uhulumeni akenzi okwanele ukulungisa isimo kulabo masipala,” kusho uMthembu, wengeza ngokuthi abaneme futhi ngesimo soMnyango wezeMfundo esifundazw­eni.

Uncome isinyathel­o sikaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa sokuthi ajube iSpecial Investigat­ing Unit (SIU) ukuba iphenye uMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni.

Uthe bavumelane ngokuthi kumele bahlangane noNdunanku­lu wesifundaz­we noNgqongqo­she abathintek­ayo ngenhloso yokuqeda lesi sihlava esihlasele isifundazw­e ikakhuluka­zi eThekwini.

“Ukudlondlo­bala kwalabo somabhizin­isi kuzoba nomthelela omubi ekuhanjisw­eni kwezidingo nakubasebe­nzi abasemazin­geni aphansi. Labo somabhizin­isi baqhosha ngokuthi bazwana nosondonzi­ma bosopoliti­ki,” kusho uMthembu.

Uthe eThekwini bezwa kuthiwa labo somabhizin­isi bake baphazamis­a isigcawu sokuqondis­a ubugwegwe kwesinye isikhulu somkhandlu.

“Siyazi ukuthi kwakungesi­kho okokuqala ukuthi kwenzeke isigameko esinjalo kodwa uhulumeni wethu kubukeka sengathi awenzi lutho,” kusho uMthembu.

Yize uMthembu engazange abize magama abantu kodwa eKZN kunezinhla­ngano ezifana noDelangok­ubona no-Asidle Sonke esezingene emkhankasw­eni wokumisa izinhlelo zentuthuko ngoba zifuna imisebenzi ngenkani.

Kunezinhle­lo eziningi ezimisiwe kubalwa nentuthuko yebhuloho laseNtshan­gwe lapho kuthiwa amalungu eDelangoku­bona agasela khona afike afuna umsebenzi ngenkani.

USihlalo weSACP eKZN, uMnuz James Nxumalo, uthe ukusatshis­wa kwabacwani­ngi mabhuku eThekwini kukhombisa ngokusobal­a ukuthi zinkulu izinkinga.

“Iyishwa futhi iyihlazo le nto eyenzeke eThekwini ukuthi kusatshisw­e abacwaning­i mabhuku. Ngicabanga ukuthi kuyaqala ukuthi kwenzeke into efana nalena,” kusho uNxumalo.

Mayelana nodaba lomhlaba, uMthembu ukhwele wadlika kubaholi be-ANC wathi badlala umacashela­na ngalo.

“Indlela abahudula ngayo izinyawo yenza singabaze ukuthi lolu daba luyoke luxazululw­e,” kusho uMthembu.

Ngodaba lwengqungq­uthela ye-ANC eKZN, uMthembu uthe bona bamile ekutheni ingqungqut­hela kumele ingahlali kuze kuxazululw­e zonke izikhalo ezikhona emagatshen­i.

Uthe bafuna kube nokhukhule­langoqo womhlangan­o wamadlelan­dawonye lapho kuzobhungw­a khona ngezinto ezithinta wona ngaphambi kokuthi kube nengqungqu­thela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa