Isolezwe

Ubhale incwadi umfundi obecwaswa

- ZANELE MTHETHWA

UKUKHISHWA inyumbazan­a ngontanga yakhe esikoleni ngenxa yokubuya ekuthwasen­i kwenze umfundi waseXobho wasebenzis­a usiba ukuze akhulume ngemizwa yakhe.

UNandi Nene (16), ofunda uGrade 11 eLittle Flower High, ubhale incwadi esihloko sithi Wrongfully Wedded ekhuluma ngezimo ezinzima ezehlukene abantu ababhekana nazo. UNandi, okuyincwad­i yakhe yokuqala lena ayibhalile, usephokoph­elele ukubhala ezinye akhulume nangeyakhe impilo. Yize le ncwadi inesihloko esithinta umshado akuwona kuphela akhuluma ngawo.

Uthe kule ncwadi ubhale ngezimo eziningi azithole ngokuxoxa nabantu. Umshado ungezinye zezimo abhale ngazo.

“Ngagula isikhathi eside ngesikhath­i ngifunda uGrade 9 ngagcina ngigula nangokomph­efumulo. Indlela engangigul­a ngayo ngisho odokotela babehlulek­a ukuthola ukuthi ngiphethwe yini. Ngenxa yokuthi ubaba ukholelwa kakhulu ezintweni zesintu ngagcina ngiyothwas­a izinyanga eziyisithu­pha,” kuchaza yena.

Uthe washiya phakathi esikoleni ngoMeyi waze wabuyela ngoNovemba sekuzobhal­wa.

“Esikoleni ngafika ngangamuke­leka izingane zikhuluma ngami. Ngangimnca­ne kakhulu ukuthi ngingaba yisangoma nalokho kwenza ukuthi ngibandlul­uleke. Ngenxa yokuthi ukugula akuphelang­a ngisho sengibuya kothwasa, kwaze kwaba namahlebez­i okuthi bengiyokhi­pha isisu. Bese ngiphila impilo yokuba ngedwa ngizivalel­a endlini ngibhale yonke imizwa yami. Kuthe sengibhali­le nangezinye izimo zabantu ngabona kungcono ngibhale incwadi,” kusho uNandi.

Kule ncwadi uNandi ukhulume nezinye izingane nazo ezibhekane nezimo ezinzima. Uthe ngaphandle kokuveza ubunzima abantu ababhekana nabo ufuna ukukhombis­a ukuthi obunye busuke buzobaqini­sa. Ufunde nokuthi ezinye izimo ezibhekana nabazali zisuke zizoqinisa izingane zibhekane nanoma yiziphi izinselelo uma sezikhulil­e. Mayelana nokugula kwakhe uNandi uthe uze wasinda esehlala komunye umfundisi obemsiza nangomthan­dazo. Yize ukugula kumenze wahlaba ikhefu esikoleni uthe wamangala uma ephasa ekupheleni konyaka kwaGrade 9. Nalokhu kwadala ukukhuluma ezinye izingane zibuza ukuthi uphase kanjani. UNandi ufuna ukuba ngudokotel­a uma eseqede u-matric aqhubeke nokubhala izincwadi. Incwadi elandelayo izokhuluma kabanzi ngokuthwas­a kwakhe. Incwadi uyethule ngesonto eledlule uthe uzoyifaka ezitolo ngoJuni.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBUYE kothwasa wabhala incwadi uNandi Nene ofunda uGrade 11 eLittle Flower eXobho, kuyona akhuluma ngezimo ezehlukene abantu ababhekana nazo
Isithombe: SITHUNYELW­E UBUYE kothwasa wabhala incwadi uNandi Nene ofunda uGrade 11 eLittle Flower eXobho, kuyona akhuluma ngezimo ezehlukene abantu ababhekana nazo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa