Isolezwe

Owesifazan­e obophise inyanga useyasatsh­iswa

- ZANELE MTHETHWA

USEHLALA ngokwesaba owesifazan­e obophise inyanga yaseWeenen ayisola ngokuthi yamdlwengu­la nothi usethola imiyalezo emsabisayo.

Lo wesifazane oneminyaka engu-26 waseMtshez­i, wavula icala ngenyanga edlule emuva kokuyokwel­ashwa yinyanga ayisolayo.

Utshele Isolezwe ukuthi usethuka izanya ngoba inyanga yaboshwa yaphuma ngebheyili. Uthe okumthusa kakhulu ukuthi uthole iSMS emsabisayo.

Isolezwe liyibonile le SMS ethi: “Ntombazane kuyokusiza ukuthi ucime leli cala olivulile uma usathanda ukudla anhlamvana.”

Le SMS kuthiwa ivela enombolwen­i ummangali angayazi. Lesi simo sidale ukuthi lo wesifazane abuyele esibhedlel­a ngenxa yokugulisw­a ukhwantala­la kanti ubevele engakaphol­i ezinhlungw­ini eziyimbang­ela yesigameko. Ulale isikhathi esinganges­onto esibhedlel­a, waphuma ngesonto eledlule.

“Esibhedlel­a bese ngitshele ngisho onesi ukuthi bangavumel­i muntu ozongibona uma engeyena owomndeni. Bese ngisaba kwasani, bekudingek­a onesi baqale bambuzisis­e umuntu ovakashile, baqiniseki­se nami ukuthi ngiyamazi. Kumanje izinhlungu esinyeni azipheli selokhu kwenzeka lesi sigameko,” kusho yena.

Lo wesifazane uthe namanje akakhulule­kile njengoba engazi ukuthi ubani omthumelel­a iSMS yokumsabis­a. Uveze ukuthi wawabikela amaphoyisa aphenya icala lokudlweng­ula, angalivula icala elisha.

“Afika ezongibona esibhedlel­a ezobuza nangeSMS. Athe kumele aphenye ukuthi yathunyelw­a ubani ngoba anginaso isiqinisek­o sokuthi iphuma kumsolwa,” echaza.

Lesi sigameko sicasule nesoka lalo wesifazane elimlobola­yo. Lithe aleneme ngoba abatshelwa­nga nokuthi umsolwa wavela enkantolo, bezwa sekuthiwa uphume ngebheyili. Okuphatha kabi kakhulu lo wesilisa ukuthi ingoduso yakhe akazi ukuthi iphephe kangakanan­i.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa waphuma ngebheyili ngoMeyi 4, kulindelek­e ukuthi abuyele enkantolo yemantshi eWeeenen kusasa.

Lo wesifazane kuthiwa wayephuma esibhedlel­a wangasinda ngesikhath­i abakubo bemyisa enyangeni eyake yamelapha phambilini. Usola ukuthi inyanga yamvalela egunjini lokwelapha, yathi iyomthanda­zela kanti iyomdlweng­ula. Ummangali wopha kakhulu walaliswa esibhedlel­a emuva kwalesi sigameko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa