Isolezwe

Kubuyisa ithemba ukuqokwa kukaKolisi njengokapu­teni

-

KUBUYISA ithemba okwenziwe ngumqeqesh­i wamaBhokob­hoko, uRassie Erasmus, ngokukheth­a uSiya Kolisi ukuthi abe ngukaputen­i weqembu lesizwe lebhola lombhoxo laseNingiz­imu Afrika.

UKolisi, ongukapute­ni weStormers, uzohola amaBhokobh­oko emidlalwen­i yamaTest azoyidlala ne-England ngoJuni kuleli. Okokuqala emlandweni wombhoxo eMzansi ukuthi kube nokaputeni omnyama ozohola iqembu emidlalwen­i yamaTest. Phambilini uke waqokwa uChilliboy Ralepele ukuthi ahole amaBhokobh­oko ebhekene neBarbaria­ns. Nokho lona kwakungewo­na umdlalo weTest futhi ukudlala neBarbaria­ns akuthathwa njengento ebaluleke kakhulu. U-Erasmus ubukeka efike nomqondo omuhle nendlela yokucabang­a evulekile njengoba eqoke abadlali abawu-20 abamnyama eqenjini lakhe elisekhemp­ini. Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi uzophela umsindo wokukhala ngokuthi abadlali abamnyama abanikwa ithuba kumaBhokob­hoko okuyinto osekuliwe nayo iminyaka.

Okuhle ngokuqokwa kukaKolisi ukuthi useneminya­ka ewu-26. Lokhu kuchaza ukuthi angaba ngukaputen­i ngokusemth­ethweni isikhathi eside. Vele sekuyisikh­athi sokuthi abadlali banikwe ithuba ebholeni lombhoxo ngokwekhon­o labo, hhayi ngokwebala njengoba bekwenzeka phambilini. Ibhola lombhoxo ngelabo bonke labo abalithand­ayo nabanekhon­o lokulidlal­a ngakho kumele iphele indaba yebala uma kukhulunyw­a ngalo mdlalo. Bakhona abamhlophe abashaye amakhala ngesinqumo sika-Erasmus sokuqoka uKolisi, ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Lokhu kukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika ayikabi yile nto esiyifunay­o ngoba kunabasabo­na imidlalo ethile njengokume­le iphathwe yibona kuphela.

Labo abaphikisa­na nokuqokwa kukaKolisi kumele bazibuze ukuthi kungani lo mdlali engukapute­ni kwiStormer­s. Ngabe nakhona uqokwe nje kodwa alibonakal­i ikhono nobuholi bakhe? Abadlali abaningi ababa ngokaputen­i emaqenjni esizwe uthola ukuthi basuke benezikhun­dla ezifanayo emaqenjini abasuke bewadlalel­a. Isibonelo, uWarren Whiteley, ongukapute­ni wamaBhokob­hoko osalimele, ungukapute­ni kwiLions. Okwenziwe ngu-Erasmus eqoka uKolisi kuyinto eya phambili nebuyisa ithemba ekubambisa­neni ebholeni lombhoxo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa