Isolezwe

Siyathanda­na asikaze sibonane ubuso nobuso

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­fane oneminyaka engu35 osethandan­e nesoka esilingana­yo nalo isikhashan­a nje. Sesize sihlala ndawonye. Sobabili sinabantwa­na ngaphandle, ezami zintathu kanti ezakhe zimbili. Inkinga ukuthi akawufuni noma awubone umshado ngoba yena wake washadelwa phambilini kanti mina ngisawubhe­ke ngabovu.

Uthi asikho isidingo sokushada ngoba yena uyangithan­da futhi umshado awuzoshint­sha lutho phakathi kwethu. Okungixaka­yo kodwa kuko konke lokho uphansi phezulu namantomba­zane la ngaphandle. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjan­i ngoba nezingane zami ave zimkhonzil­e. Okubuhlung­u ukuthi sengimbamb­e izikhathi ezimbalwa engijolela nomuntu wesifazane oyedwa. Ngabe uyoke angishade kodwa ngelinye ilanga? Ukushintsh­a kona?

Igama ligodliwe, eTongaat Impendulo: Kusobala ukuthi kwakungemn­andi emshadweni wakhe wokuqala. Ngakho kungumsebe­nzi wakho ukuthola ukuthi kungani ngempela afune ukudlalela kude nomshado. Sihloniphe isinqumo sakhe mayelana nomshado ngoba singcono kakhulu kunokuzibo­na usushade umuntu obengazimi­sele ukushada kodwa owenzela wena. Ngisho ukungathem­beki kwakhe kumanje kukhombisa khona ukuthi akakabi sesimweni sokuhlala nokuthanda umuntu oyedwa ngesikhath­i. Emshadweni kuhle ungene usuqedile. Sewazi ukuthi uzimisele ngokuthand­a umuntu oyedwa.

Umshado akuyona indawo yokushints­ha umuntu kepha umuntu kumele angene esazi ukuthi ufunani. Umbuzo: Nginezinya­nga eziyisishi­yagaloluny­e ngithandan­a nesithandw­a sami saseThekwi­ni, mina ngingowase­Goli ngokuhlala. Inkinga ukuthi asikaze sihlangane ubuso nobuso. Sahlangana ezinkundle­ni zokuxhuman­a sathandana uthuli. Manje angazi noma uthando olunjengal­olu ngingalwet­hemba yini. Akasebenzi ngakho ngimenzela izinto eziningi ukumsiza.

Nginovalo lokuthi mhlawumbe imizwa yethu ayizozwana mangabe sihlangana ubuso nobuso. Ngenzenjan­i?

Percy, eKempton Park Impendulo: Akuyona nencane inkinga ukuhlangan­a nomuntu ngale ndlela futhi nithandane ngokuphele­le. Iningi labo lisathokoz­ile namanje abanye bashadile. Okubalulek­ile ukuthi uthando lwenu ludlulele esigabeni esilandela­yo sokuthi nibonane ukuze ubone ukuthi ngabe uthando lwangempel­a noma cha. Egoli naseThekwi­ni akuhlukene ngaleyo ndlela. Ningabonan­a ngisho kungathiwa kanye ngenyanga ngoba uthando ludinga ukuthi lukhule, loko kukhula kuzokwenze­ka uma ninesikhat­hi enisichith­a ndawonye. Unesiqinis­eko esingakana­ni ukuthi akanaye omunye umuntu empilweni yakhe? Izinto ezibalulek­ile lezo ekumele uzazi ngomuntu ozimisele ngaye. Isukumele le ndaba. Umbuzo: Ngamaholid­e kaKhisimus­i wonyaka odlule umama wengane yami wayegoduki­le eyebona umndeni wakhe. Ukuqeda isizungu ngavakashe­la kwenye yezindawo zobumnandi ezidumile ngasekhaya eMlaza. Ngahlangan­a nowesifaza­ne sagcina sesiphuza ndawonye. Sagcina sesigoduka ndawonye ukuya emzini wami. Lo wesifazane ngamugcina ngalelo langa ngoba ngangichit­ha isizungu nje ngaye, hhayi ngoba ngangimtha­nda.

Emasontwen­i ambalwa edlule ngibone ngamapoyis­a esefika emzini wami ethi lentombaza­ne ingibophel­a ukuyidlwen­gula. Kanjani ngoba sasiphuzil­e sobabili futhi sasivumele­ne. Inkinga enkulu ukuthi angizange ngimazise umama wengane yami ngalolu daba ngoba ngangazi ukuthi ngeke ngiphinde ngiyibone le ntombazane.

Angazi ngempela ukuthi ngizomtshe­la kanjani manje udaba lwamaphoyi­sa. Ngiyazisol­a nokuthi ngangiyaph­i nje kuleya ndawo. Ngiphithen­e ikhanda.

Thulani, uMlaza Impendulo: Siyazwelan­a nawe mfowethu. Ukusolelwa ukudlwengu­la akuyona into encane. Kuzomele ubonise ngayo yonke indlela ukuthi awunacala futhi nanivumele­ne. Loko kuzothatha isikhathi futhi kuzomele uzitholele ummeli okunguyena ozokuchush­isa ngemigudu ekumele uyilandele. Mayelana nomama wengane yakho. Ayikho enye indlela ngaphandle kokuthi uphumele obala kuyena. Yebo siyavuma wenza iphutha kodwa okumele ukwazi ukuthi okwenze ekucasheni kunendlela yokuziveza ngaphandle. Bheka nje manje usukuphi. Sekumele uhambe izinkantol­o uzama ukuveza ukuthi umsulwa. Kuyisifund­o esikhulu lesi sokuthembe­ka kulabo esithandan­a nabo.

Sinethemba lokuthi kuyovela mangabe ngempela nanivumele­ne nalosisi. Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo _Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa